Bakhala ngezikweletu abahola impesheni kahulumeni

Dylan Bettencourt

Siyanda isibalo sabantu abangasakwazi ukuthembela emalini yesibonelelo sikahulumeni yakwa-Sassa ukuze baphile zinyanga zonke njengoba abanye sebephoqeleka ukuthi baboleke izimali komashonisa.

Njengoba olayini bokwamukela izibonelelo zikahulumeni bekhula mihla namalanga abanye abantu basuke bemele ukuzoboleka imali befuna ukuziphilisa baze bahole ngokulandelayo.

Sekuphele izinyanga ezimbili imali yesibonelelo sikahulumeni se-Covid-19 singakhishwa, kodwa uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi uhlelo lokukhishwa kwezimali luzoqala ngesonto elizayo.

U-Annah Zondo oneminyaka engu-68 ubudala othola imali yempesheni utshele i-GroundUp ukuthi umndeni wakhe bekumele unciphise ukudla kabili ngosuku ukuze wonge imali. Nokho uhlezi eboleka imali nyanga zonke.

“Ngiyitholile imali yami izolo kodwa isiphelile. Ngilapha nje ukuzophinde ngiboleke imali ngoba ngiqede ukukhokhela isikweletu engisithathe ngoZibandlela,” kusho uZondo.

Uthola imali yempesheni kahulumeni engu-R1,980 kodwa ugoduka no-R1,500 ngenxa yemali ebanjwayo.

Iningi lemali yempesheni kaZondo iya ezitolo zokudla kanye nokukhokhela ama-premium akhe kumasigcwabisane wakhe. 

Ukuboleka imali engu-R1,400 enohlelo lokukhokha lwezinyanga eziyisithupha kunenzalo ka-R462 ngokubika kwe-GroundUp.

USolly Mokoena ohola impesheni unezikweletu eziningi njengoba imali yakhe ingasakwazi ukondla umndeni wakhe onamalungu amahlanu.

“Ngikweleta u-R1,800 kwa-Net1 kanti ngisalelwe izinyanga ezinhlanu ukuthi ngiqede ukuyikhokha. Kwa-FinBond nginemali engayiboleka engu-R1,200,” kusho owesilisa oneminyaka engu-64.

“Uma sebeyithatha imali yabo ngisala ngingenalutho okuphoqa ukuthi ngiphinde ngokuboleka ngokujwayelekile kanti nezindleko sezinyukile kakhulu.”

Inkampani ebolekisa ngemali i-Net1 ebikade isabalalisa izibonelelo zakwa-Sassa ithe inamakhasimende angu-1.1-million kanye nabantu abangu-415,000 abathathe imali ebolekisayo. 

Imali ababolekisa ngayo kule u-R1,417.

Kulabo abangakwazi ukuboleka ezinkampanini ezifana ne-Net1 baphendukela komashonisa abakhokhisa inzalo efinyelela ku-40% nyanga zonke.

Umthombo wesithombe: @GroundUp

Izihloko zakamuva