Bakhala ngezigebengu ezicekela phansi ngokuphindelela ihhovisi lekhansela

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ngesikhathi ikhansela uNomxolisi Phezisa efika ehhovisi lakhe ngoLwesithathu ekuseni ufice indawo igcwele amanzi.

Amapayipi ebekhishiwe.

Sekukaningi izigebengu zigqekeza ehhovisi lekhansela elokishini laKwalanga eNelson Mandela Bay futhi amaphoyisa noma umasipala abakaze bangenelele.

UPhezisa uthe sebebike ngokugqekezwa izikhawu ezine kodwa kuze kube yimanje akukho okwenziwe.

“Sesize sahambisa izinombolo zamacala kumasipala kodwa akukho okwenziwe. Akekho osebenza kamasipala oseke weza ezohlola umonakalo noma wazama ukuhlinzeka ngonogada,” kusho uPhezisa.

Kusukela ezincwadini ezibalulekile, amakhebuli kagesi, amapayipi amanzi, ompompi, izibani ngisho nosinki wasekhishini izigebengu zilokhu zicuya ihhovisi kancane kancane.

Ikhansela lithi sekunzima ukuthi ihhovisi lalo lihlinzekele umphakathi ngezidingo ezifanele ngenxa yokuthi ihhovisi alinawo ugesi.

“Amakhebuli ebiwa nyakenye,” kusho ikhansela ebelikhungathekile.

“Umasipala uyazi ngalokhu. Kwesinye isikhathi kumele sijikise abantu ngoba asikwazi ukubasiza ngenxa yokuthi izinto eziningi zisebenza ngogesi.”

Uthe usebenza kakhulu ngo-WhatsApp.

“Ihhovisi alinawo ngempela amathuluzi okusebenza,” esho.

Umphakathi waKwalanga uhlaselwe ukuntshontshwa kwamakhebuli kanye nokulimala kwengqalasizinda eminyakeni edlule. Umtapo wolwazi womphakathi ube ngowokuqala ukucekelwa phansi.

Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha nokuvikeleka uStag Mitchell uthe ngoLwesibili ngesikhathi imeya ibika ngalokhu emhlanganweni umasipala uthe uhlanganisa imizamo yokuvikela ingqalasizinda kamasipala.

“Sizofaka abasebenzi abangu-150 be-EPWP abazogada imishini. Bazoqhamuka kuzo zonke izingxenye zikamasipala kanti iningi labo bazogada ingqalasizinda emawadini

abo,” kusho uMitchell.

UMitchell ubale inqwaba yezindawo zikamasipala ezizohlomula ngemizamo yezokuphepha kamasipala kodwa iXaba Hall lapho okukhona ihhovisi lekhansela akazange ayibale.

Umxhumanisi wabezindaba waseNelson Mandela Bay uMamela Ndamase ubengakayiphenduli imibuzo ye-Scrolla.Africa ngesikhathi sokushicilela.

Esithombeni esingenhla: Ihhovisi elicekelwe phansi eXaba Hall elokishini laKwalanga e-Kariega.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva