Bakhala ngezigebengu ezibaqola imali ngezaba zokuvikelwa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umama ongayedwana wezingane ezinhlanu uphoqeleke ukuthi ayeke ukudayisa amanqina enkukhu emigwaqeni yaseKapa ngemuva kokuhlaselwa abesilisa abane befuna imali yokumvikela.

Imali yokuvikela ifunwa izigebengu kubanikazi bamabhizinisi ukuze “bavikelwe” – kodwa lesi sivikelo siyizaba nje ezicashile zokuqola imali kubo.

Isisulu (45) saqala ukudayisa amanqina enkukhu ngenxa yokudangala eminyakeni emithathu edlule. Wayesekhathele ukucela ukudla kubantu ngakho wasebenzisa imali ayeyithola ngokuwashela abantu izingubo ukuze athenge amanqina enkukhu waqala ukuzidayisa eduze komgwaqo u-Lower Crossroads, e-Philippi East, eKapa.

Kodwa-ke, ngoLwesihlanu olwedlule amadoda amane aye afika kuye amtshela ukuthi kumele akhokhe u-R300 ngenyanga ukuze avikeleke.

“Bafuna ngikhokhe u-R300 njalo ngenyanga ngomhlaka-15. Ngiye ngabatshela ukuthi angiyenzi imali engako ngokudayisa amanqina enkukhu, kodwa bebengenandaba. Bafuna imali,” esho.

Yize ebachazele ukuthi ungumama ongayedwana ozama ukubekela izingane zakhe ukudla etafuleni, la madoda amtshele ukuthi kumele aqinisekise ukuthi ubanayo leyo mali noma ayeke ukudayisa.

“Bangibuze ukuthi nginayo yini imali engiyigcinayo base bengeluleka ngokuthi ngibakhokhele ukuze ngiphephe,” esho.

Okubuhlungu ukuthi akuyena yedwa osemise ibhizinisi lakhe ngenxa yemali yokuvikelwa.

“Benze into efanayo kumngani wami obedayisa imifino, kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi bengacela imali kumuntu odayisa amanqina enkukhu,” esho.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uLieutenant Colonel Malcolm Pojie uthe ibhizinisi elinenzuzo yokuqola ngeke libekezelelwe futhi kuyicala elijeziswayo enkantolo.

“Siluleka izisulu zokuqolwa ukuthi zibike lesi sigameko esiteshini samaphoyisa sendawo ngokushesha,” kusho uPojie.

Esithombeni esingenhla: Owesifazane waseKapa odayisa amanqina enkukhu emgwaqeni 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva