Lubhalwe nguRazeen Gutta
Iqembu lebhola lase-France i-Nice lifake isikhalazo emaphoyiseni mayelana nevidiyo yocansi ethwetshulwe ezindlini zokugezela zenkundla yabo ngesikhathi bedlala ne-Lille ngomhlaka-29 kuMasingana.
Iqembu licabanga ukuthatha izinyathelo zomthetho, ngokombiko we-Daily Mail kanti i-Les Aiglons yaziswe ngale vidiyo ngabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Inkundla yezemidlalo i-Nice Eco okuyinkampani ephethe i-Allianz Riviera izophinde ifake isikhalazo mayelana nesizathu sokuthi ihlobene nevidiyo yocansi.
UGaetan Laborde nguyena owinise iqembu lakhe ngo 1-0 ngesikhathi beshaya i-Nice ngalolo suku, kodwa akuyena yedwa oshaye igoli ngaphakathi enkundleni njengoba i-RMC Sport iveze embikweni wayo ukuthi intokazi ebonakale kwividiyo ithe ibingaphakathi enkundleni yezemidlalo i-Allianz Riviera.
Amaqembu ebengakasikhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nalolu daba.
Esithombeni esingenhla: Inkundla yezemidlalo i-Allianz Riviera
Umthombo wesithombe: @chrisbelicchi