Bakhala ngeSundowns ewina njalo

Dylan Bettencourt

UPatrice Mostepe angase abe ngomunye wabantu abahlonishwa kakhulu kwelakuleli ikakhulukazi ebholeni likanobhutshuzwayo futhi inhloso yakhe yokuhamba yedwa phambili imakhela amazinyo abushelelezi.

UMotsepe ungumnikazi weqembu le-Mamelodi Sundowns unguMengameli we-Confederation of African Football (i-CAF) kanjalo negama lakhe kumaligi amabili akuleli.

Muva nje lo sozimali ubizwe ukuthi angenele ahlenge isigaba sesibili sakuleli esilahlekelwe umxhasi walo i-GladAfrica. 

I-Premier Soccer League (PSL) imemezele ngoMgqibelo ukuthi isigaba sokuqala sikazwelonke sizobizwa ngeMotsepe Foundation Championship.

Nokuba nelungelo lokuqanjwa kwesigaba sesibili sebhola  nesesithathu kwi-ABC Motsepe league siqanjwe ngomnikazi we-Sundowns.

Yize lo sozimali umcebo wakhe ulinganiselwa ku-R41 billion futhi ubonakala eyiqhawe lebhola lakuleli kodwa isikhundla sakhe ebholeni sibonakala sinzima kakhulu.

Ukuba khona kowesilisa oyedwa othatha izinqumo ngekusasa lebhola lakuleli kungashiya umdlalo usengozini.

Isigaba esiphezulu sebhola lezinyawo i-DStv Premiership sibona ngathi imali kaMotsepe ayisizi ngalutho.

Kusukela ngo-2013 alikho elinye iqembu eselidle isicoco seligi ngaphandle kwe-Sundowns.

Njengoba imali kaMotsepe ikhulise i-Sundowns yaba namandla ebholeni lakuleli lonke izwe lisalele emuva okwenza iligi ingathokoselwa.

I-Sundowns ayigcini nje ngokuba nesithunzi sokuheha abadlali abasezingeni eliphezulu, kodwa inemali yokwenza lokho ngokubathenga ngezimali ezishisiwe.

Imibiko ithi umdlali okhokhelwa kakhulu kwi-Sundowns ngu-Andile Jali ohola u-R550,000 ngenyanga.

Ukucacisa lokho umdlali we-Orlando Pirates okhokhelwa kakhulu uHappy Jele ohola u-R200,000 ngenyanga.

Ngakolunye uhlangothi i-Kaizer Chiefs iyazama ukuqhudelana ne-Sundowns ngokukhokhela uKeagan Dolly u-R1.5 million njalo ngenyanga kodwa namanje ayikwazi ukuqhudelana ne-Sundowns yize inyusele abadlali umholo.

Wonke umdlali wakuleli unephupho lokudlalela i-Sundowns yize abanye balandela imali nempumelelo yeqembu. 

Kodwa akekho ofuna ukubuka iligi uma wonke umuntu esazi ukuthi yiliphi iqembu elizowina ngaphambi kokuthi uqale umdlalo.

Umthombo wesithombe: @ForbesAfrica

Izihloko zakamuva