Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Njengoba isomiso siqhubeka kuMasipala waseNelson Mandela Bay (NMBM) izakhamizi zicelwe ukuthi zibilise amanzi ayingozi abawakha epitsini ngaphambi kokuwaphuza.
Izakhamizi zisaqhubeka nokubekezelela isomiso esibi kakhulu emlandweni wazo njengoba amadamu amakhulu endaweni engasasebenzi.
Emizamweni yokwengeza amanzi, umasipala ufake amanzi epitsi ohlelweni lwayo lokuxhumanisa. Ngaleyo ndlela umasipala unxuse izakhamizi ukuthi zibilise amanzi ompompi ngaphambi kokuwasebenzisa.
Ngokusho kukamasipala, ngokufakwa kwamanzi angaphansi komhlaba angaxutshiwe ohlelweni lokuthutha likamasipala, amazinga aphansi amadamu kanye namazinga aguquguqukayo amadamu, izinga lamanzi lihlezi lishintsha. Lokhu kwenza kube nzima ukuqinisekisa ikhwalithi yawo.
IMeya yaseNelson Mandela Bay, uRetief Odendaal uthe ukuguquka kwekhwalithi kuhlobene nokukhathazeka ngamakhemikhali hhayi amagciwane ayingozi.
“Asisho ukuthi kunamagciwane emanzini ethu ngakho-ke, akuphephile ukuwaphuza.
“Sithi amanzi angase angabi mnandi ngendlela ejwayelekile ngakho-ke, njengezinyathelo zokuphepha izakhamizi kumele zivele ziwabilise amanzi ngaphambi kokuba ziwaphuze,” kusho iMeya u-Odendaal.
Izindawo ezifana ne-Gqeberha bezingenamanzi ezinsukwini ezintathu ezedlule kanti manje sezithembele emalolini amanzi kuphela.
Njengengxenye yokungenelela kukaNgqongqoshe woMnyango wezaManzi nokuThuthwa Kwendle, iNelson Mandela Bay ithole amaloli amanzi angu-20 ngaphezu kwamaloli angu-23 akhona edolobheni.
Ngokusho kukaMnu Joseph Tsatsire osabambile eNelson Mandela Bay ongumqondisi wokusabalalisa amanzi ngenxa yesimo esibi, amaloli amanzi kudingeke ukuthi athunyelwe ngokushesha ezindaweni ezingenawo amanzi.
“Kufike amaloli angu-20 ngoMsombuluko ahlolwa ngokushesha athunyelwa ezindaweni ezakhiwe lapho okudingekakhona amanzi,” esho.
Ngesikhathi somcimbi wokuzibophezela ngoLwesibili, amakhansela aseNelson Mandela Bay azibophezele ekusebenzeni ngokuzikhandla nemiphakathi yawo ukunciphisa kakhulu ukusetshenziswa kwamanzi kanye nempilo yokulondoloza amanzi.
Imeya yaseNelson Mandela Bay ithe lesi sifungo siyingxenye ebalulekile yokukhombisa uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle ukulungela kanye nokuzimisela kwedolobha ekulweni nokukhipha lo masipala kule nkinga.
U-Odendaal uthe uMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uzibophezele ekusizeni kuzo zombili izinkinga zesomiso nokuthuthwa kwendle kumasipala.
Kodwa-ke, uMnyango uthi udinga ukuthi idolobha lizibophezele ngokugcwele kulolu daba.
Esithombeni esingenhla: Amakhansela kaMasipala waseNelson Mandela Bay egqoke izikibha zokulondoloza amanzi
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele