Bakhala ngesiteshi samaphoyisa esingenagesi

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Ijeneretha ayithembekile futhi ngezinye izikhathi iphelelwa uphethiloli phakathi kwamabili. Emini iyacishwa. Ngenxa yalokho amaphoyisa awakwazi ukushaja omakhelekhukhwini awo noma enze inkomishi yetiye.

Lesi simo lokhu saba khona esiteshini samaphoyisa i-Rietgat e-Soshanguve, enyakatho ye-Tshwane selokhu kwebiwa amakhebuli kagesi eminyakeni emithathu edlule.

Izakhamizi ziyesaba ukubika amacala ebusuku ngoba kuyingozi kanti amaphoyisa alwela ukwenza umsebenzi wawo ngaphandle kukagesi. Iphoyisa elingathandanga ukudalulwa lithe isimo asibekezeleleki njengoba kungena ubusika.

“Kuyabanda, asikwazi ukukhanyisa ama-heater, alikho nhlobo itiye nekhofi emini futhi asikwazi ngisho nokufudumeza ukudla kwethu,” kusho leli phoyisa.

Iphoyisa lithe ijeneretha ayinkulu ngokwanele ukuthi ingakhanyisa zonke izibani futhi amanye amagumbi ahlezi emnyama. “Ebusuku amaphoyisa abesifazane kumele aye emathoyilethi ngamaqoqo ngoba siyesaba kodwa futhi umphakathi uthembele kithina,” esho.

Isishoshovu sendawo u-Asnath Molomo uthe kuyacaca ukuthi amaphoyisa aselahlekelwe ithemba.

“Ngisebenza ngabesifazane abahlukunyeziwe futhi uma ungena nje esiteshini uyabona ukuthi amaphoyisa awaneme. Kunzima ngoba silindele ukuthi la maphoyisa abe nomfutho futhi abe nentshisekelo yokusiza izisulu zobugebengu,” esho.

UMolomo uthe kubukeka sengathi kusekude ukuthi lesi simo sishintshe. “Akusebenzi lutho. Kuze kwadingeka ukuthi ngishayele e-Union Buildings kodwa ngibanjiswe ucingo kwaze kwaphela i-airtime yami,” esho.

Izisulu azifuni ukuza esiteshini samaphoyisa ngoba kumnyama futhi abenzi bobubi bangazilandela. Kunalokho beza kimi njengesishoshovu.”

Okhulumela uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uMnu Thami Mchunu uthe bafake isicelo kumasipala wase-Tshwane ukuze kuxhunywe ugesi kabusha isiteshini. UMchunu uthe lesi siteshi sixhunywe e-Mabopane Train Station.

Ngesikhathi ujantshi wesitimela ucekelwa phansi kwebiwa amakhebuli aphakela isiteshi samaphoyisa ngogesi.

UMchunu uthe ngemuva kwemihlangano nabakwa-SAPS kuthathwe isinqumo sokuthi amaphoyisa afake isicelo kumasipala wase-Tshwane ukuze kuxhunywe izintambo ezintsha kodwa kuze kube manje akukho okwenzekayo.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa asesiteshini samaphoyisa i-Rietgat

Izihloko zakamuva