Bakhala ngentuthu yamalahle ephuma ezimayini zaseZim

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Izakhamizi zedolobha lezimayini entshonalanga ye-Zimbabwe zithi zifuna kuhlolisiswe izimpilo zazo njengoba zesaba intuthu yamalahle egubuzele leli dolobho.

Izakhamizi zase-Hwangwe ezingaqashiwe kulezi zimayini zamalahle ziye ephalamende lakuleliyazwe ziyocela  ukuthi zihlolwe ukuze kubonakale umthelela owenziwa intuthu yamalahle ezimpilweni zazo.

Ngokusho kwezakhamizi ukusebenza kwezimayini kubeka impilo yabantu engozini ngaphandle kokuvikelwa okusemthethweni. Abaningi sebephume kuleliyazwe baya ezweni elingumakhelwane i-Zambia ukuze bayohlolwa ngoba izibhedlela zase-Zimbabwe azinazo izinsiza noma imithi.

Isakhamuzi sase-Hwange, uMavis Chadema uthi labo abadla izambane likapondo baphuma njalo kuleliyazwe beyothola ukwelashwa.

“Abantulayo njengami abakwazi ukuya ngakho nathi siyadinga ukuthi sivikelwe umthetho ngoba le ntuthu ithinta wonke umuntu. Sifuna ukuba ngabahlomuli. Kufanele kubuyekezwe lowo mthetho,” esho.

Ilungu lephalamende lase-Hwange, uMnu Daniel Molokele utshele i-Scrolla.Africa ukuthi intuthu yamalahle ithinta wonke umuntu wase-Hwange nokuthi izimayini eziningi ezingcolisayo ngezabase-China.

Esinye isakhamuzi sithe bonke baphefumula intuthu yamalahle kodwa abavikelwe umthetho.

“Abanye bayaphoqeleka ukuthi baye e-Zambia ukuze bathole usizo lwezempilo ngoba uhlelo lwezempilo e-Zimbabwe alukho. Ungathola i-paracetamol kuphela esibhedlela,” kusho uMalvin Mwale.

Isikhulu senkampani yezimayini i-Zhong Jian Investment sithe okwamanje basahlola abasebenzi babo kuphela.

“Kuyiqiniso impela ukuthi abantu base-Hwange bayathinteka kodwa sisazoyicubungula indaba yokuthi bonke abathintekile bahlolwe udokotela,” esho.

Esithombeni esingenhla: Izimayini zase-Hwangwe 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva