
Celani Sikhakhane
Sekudlangile emaphoyiseni ukuthi kuqashwe abantu abangazange babe ingxenye yokuqeqeshwa.
Zibhekene nengwadla enkulu iziphathimandla zamaphoyisa e-SAPS eKZN njengoba amaphoyisa angatoho evuke umbhejezana ngezinsolo zenkohlakalo ngokuqashwa kwamalungu amasha.
Lesi siphithiphithi siqale ngesonto eledlule ngemuva kokuthi lamaphoyisa ekhala ngokuthi kukhona abaphathi beziteshi ababashaya indiva bevuna izihlobo zabo ezingakaze zibe ingxenye yokuqeqeshwa.
Esiteshini samaphoyisa sase-Gluckstadt, iziphathimandla zamaphoyisa bezisempini yokuqophisana ngamazwi nalamaphoyisa asola esinye seziphathimandla ngokufaka indodakazi yakhe – engakaze iqeqeshwe.
“Ukaputeni wasitshela ukuthi akuwona wonke amarizevu azoqashwa ngakho-ke kumele sikufake ezingqondweni zethu lokho, omunye wesifazane uNP Nene wakhala wazithulisa wazama nokuzibulala ngenxa yalokho,” kusho omunye walamaphoyisa ongathandanga ukuthi adalulwe.
Ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi kuzoqashwa amaphoyisa abalelwa ku-12 000 ukuze kubhekwane nezinselelo i-SAPS eyabhekana nazo eKZN nase-Gauteng ngenxa yezibhelu zangoNtulikazi.
Omunye umthombo uthe babeke izimpilo zabo engcupheni ngesikhathi kuqhubeka lezi zinxushunxushu okuyilapho amaphoyisa aqashwe ngokugcwele enqaba ukusebenza ubusuku nemini ukuze avikele izitolo ezinkulu nempahla yombuso kubaphangi.
“Lokho sikwenze sinethemba lokuthi ithina esizobhekwa kuqala uma kuqashwa abantu, lokhu okwenzeka manje kubuhlungu, sibona inkohlakalo njengoba kuthathwa amalungu omndeni nezihlobo ziqashwe ngaphandle kokuqeqeshwa,” kusho elinye lamaphoyisa.
NgoLwesine bekusabalala inkulumo eqoshiwe ethi idlangile inkohlakalo kulolu hlelo futhi isidlulele kwiziphathimandla zamaphoyisa eThekwini.
Okhulumela uBheki Cele ongungqongqoshe wamaPhoyisa uLirandzu Themba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kunzima ukuphawula ngalolu daba njengoba ukuqashwa kwabasebenzi kuqhutshwa uMnyango wezabasebenzi kwa-SAPS.