Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kukhalwa ngendodakazi yowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma okuthiwa isebenzisa yena ukuxova uMkhonto weSizwe (MK) nokuxosha abanye abaholi beqembu.
Abanye abaholi abasePhalamende beMK Party bahlebele i-Scrolla.Africa ukuthi abeneme neze ngoNkk Duduzile maZuma-Sambudla ngoba sebeyasola ukuthi unesandla ezinqumweni ezithathwa uZuma.
“Umbuzo omkhulu esinawo owokuthi yini umsebenzi kaDuduzile? Lapha uzithola usuthola incwadi yokuthi uxoshiwe esayinwe uZuma kodwa uyothi usathuswe yilokho bese kuthiwa bekungumkokotelo. Impela sinenkinga ngoDuduzile ngoba sekuyasolisa ukuthi usebenzisa uyise ukulwa nabaholi abathile,” kusho omunye wabaholi ocele ukungadalulwa.
Nokho umkhulumeli weqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela uyakuchitha lokhu wathi iyaxaka le nto yokuthi kusolwe umuntu oyedwa ngezinqumo zeqembu.
“Empeleni awubabuze labo ukuthi bona yini umsebenzi wabo ePhalamende. Engingakutshela khona ukuthi lokhu abakushoyo akukho ngoba izinqumo azithathwa yilo muntu abamusolayo,” kusho uNdhlela.
Kwenzeka lokhu nje kuthe ngesonto eledlule uZuma uxoshe uNobhala-Jikelele uMnuz Arthur Zwane ngemuva kokuthi emxoshile ekuqaleni waphinde wamubuyisa.
Kulokhu umxoshile, wavala isikhala sakhe ngoDkt Sfiso Maseko.
Uphinde waxosha nephini likaZwane okunguMnuz Thulani Shongwe.
Ngaphandle kwalokho, uNdhlela uthe okumele abantu bakwazi ukuthi iMK Party abaholi bayo bayavolontiya kodwa laba abakuzwelonke baphila ngomholo wasePhalamende.
Ubekusho lokhu ephawula ngokuthi uZuma wayethe njengoba kuza ukhetho abaholi besigungu esiphezulu kuMK abazukuya ePhalamende kodwa bazohola njengoNgqongqoshe ukuze kugwemeke inkohlakalo.
UNdlela uthe okuphazamisile ukuthi iqembu alilunqobanga ukhetho.