Abahwebi abebenethemba lokuthola inzuzo enkulu ngesikhathi samaholide babhekane nenkinga.
UNomthandazo Ndlovu wase-Cato Ridge, oseneminyaka eyishumi ehweba e-Durban’s South Beach, uthe: “Ikhanda lami liyazula, angazi ukuthi izingane zami zizophila kanjani.”
Phakathi kwezinto ezahlukahlukene, uNdlovu udayisa izingubo zesintu. Uthe ujwayele ukwenza imali engaphezu kweyizi-R30,000 ngesikhathi samaholidi.
“Ngiyazi ukuthi uMengameli uzama ukusindisa izimpilo zabantu, kodwa lokhu kuzosishiya singenalutho,” uyasho.
Umnikazi we-Rickshaw, uThabani Mkhize uthe uzolahlekelwa yimali eningi.
“Akekho owasicabangela ngesikhathi kwenziwa lesi sinqumo. Kuzoba yisikhathi samaholide esinzima kithina.”
USibusiso Shinga waseNdwedwe, enyakatho yeTheku uthe uyayeseka imithetho ye-Covid-19.
“Kumele sisindise izimpilo. Kubuhlungu kithina njengabahwebi kodwa uma lokhu kuzosindisa izimpilo nami ngivumelana nakho,” uyasho.
Amabhishi e-KZN azovalwa mhla ziyi-16, zingama-25, zingama-26, zingama-31 kuZibandlela nangomhla wokuqala kuya kumhla zintathu kuMasingana. Amabhishi ase-Eastern Cape nawase-Western Cape’s Garden Route nawo azovalwa.
Umasipala weTheku wethembise ukuthi uzosiza abahwebi ukuze baphile ngemithetho ye-Covid-19.