Bakhala ngemsindo yemibhoshongo efakwe emasimini ewayini 

Imisindo yasekuseni yamaqhude nemishini yasemapulazini ilungile kodwa imishini emisha yokunqanda isithwathwa ibangele ukudumala okukhulu emaphandleni ase-France.

Umsebenzi wesiphephezelo ukukhuphula izinga lokushisa ukuze kunqandwe isithwathwa ukuthi singacekeli phansi amagilebhisi, kubika i-The Times. Ubusika buvame ukuba isikhathi esinzima kubakhiqizi bewayini ababona Amasimu abo ewayini onakele.

Le mibhoshongo emisha ayishibhile. Ibiza cishe u-R1 million ngayinye kodwa ngenhlanhla kubalimi uhulumeni uyasiza ngoxhaso.

Umphathi wesithako sewayini i-Vinet-Delpech e-Charente-Maritime, eningizimu nentshonalanga ye-France uBruno Delannoy utshele i-Le Figaro ukuthi bafake imibhoshongo eyisithupha yokulwa nesithwathwa ngemuva kwesithwathwa sasekupheleni kukaMbasa ngo-2021.

“Ngeziphephezelo amakhulu abanama-blade amabili afakwe ku-12m mast aqala ngokuzenzakalelayo uma izinga lokushisa leqa ku-1.6C. Adonsa umoya ofudumele ukusuka phezulu bese ewucindezela phansi uze ufike ezingeni eliphansi lapho umoya ovame ukubanda khona.”

Kodwa lezi ziphephezelo zinento eyodwa embi, umsindo wawo uqhathaniswa nowenziwa izindiza ezinophephela emhlane.

Abantu abahlala eduze  kwalezi ziphephezelo ezibizayo bathi kufanele zehliswe umsindo noma zivinjelwe.

Imeya yase-Allas-Champagne eqhele ngamakhilomitha angu-20 ukusuka e-Cognac eningizimu nentshonalanga ye-France uBernard Maindron uthe: “Sazise abezinsiza zesifunda ngalolu daba kodwa ayikho imithetho futhi alikho ibanga elincane ukusuka ezindlini.”

Inhloso yemeya ukuletha umuzwa wokulingana phakathi kokulondoloza Amasimu ewayini nokugcina izakhamizi zijabule futhi ziphumule kahle.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Amasimu ewayini ase-France

Izihloko zakamuva