Bakhala ngamaphoyisa angafuni ukusebenza

Buziwe Nocuze

Abantu basesigodini sase-Lusikisiki e-Eastern Cape bathi amaphoyisa azalelwe kule ndawo akhulela khona awawenzi umsebenzi wawo.

Okubi kakhulu abantu bathi amaphoyisa afuna ukugwazelwa ngotshwala ukuze abasize.

Bathe amaphoyisa ikakhulukazi lawo ase-Lusikisiki, ahlekisana ngezisulu uma zizama ukuvula amacala. Kubi kangangokuthi abantu banquma ukuphuma esiteshini bengalivulanga icala.

“Amaphoyisa avela e-Lusikisiki awakwazi ukusiza abantu bendawo yangakubo,” kusho ilungu lomphakathi uLuyolo Gwenxane.

“Nomphathisiteshi wethu akahlukile.”

UGwenxane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukubika amacala e-Lusikisiki akusizi futhi kuyakhathaza.

“Siqale sabikela umphathisiteshi ngamaphoyisa ahlulekayo ukwenza umsebenzi kodwa akakaze akusukumele lokhu. Usitshele ukuthi amaphoyisa ayayazi into ayenzayo,” kusho uGwenxane.

“Baziwa ngokuthatha utshwala njengesifumbathiso, futhi siyazi ukuthi abuhanjiswa bonke esiteshini samaphoyisa. Sidinga amaphoyisa amasha azinikele. Sifuna amaphoyisa azalelwa lapha afakwe kwezinye izindawo.”

Esinye isakhamuzi sithe iningi labantu lithatha isinqumo sokungawavuli amacala ngoba lazi ukuthi akukho okuzokwenzeka.

“Sinamacala amaningi okudlwengula lapha kodwa izisulu azibiki ngenxa yempatho eziyitholayo,” esho.

Leli lungu lomphakathi lithe ngenxa yalokhu izigebengu ziyasizakala zazi ukuthi ngeke ziboshwe.

Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape uWarrant Officer Majola Nkohli, uthe abantu basezigodini abakhathazekile badlulise incwadi yezikhalazo zabo ngezinsolo zokungalethwa kwezidingongqangi.

“Udaba ludlulele ku-Senior Management eKomkhulu lesifundazwe kanti uphenyo lwangaphakathi lusaqhubeka,” kusho uKohli.

“Noma yiliphi iphoyisa eliyotholakala lephule umthetho lizosingathwa ngokwemithetho yakwa-SAPS yokuqondiswa kwezigwegwe.”

I-SAPS ngeke ilibekezelele isiko lokungahlinzekwa kwezidingongqangi.

“I-SAPS izishaya isifuba ngokusebenza kwamaphoyisa ngempumelelo emiphakathini futhi ngeke ivume uma imiphakathi ijikiswa ngaphandle kokusizwa.”

Imiphakathi iyakhuthazwa ukuthi ibike ukuthi ayisetshenzelwa ngamaphoyisa kwinombolo yocingo yesiFundazwe ethi-082 301 8275.

Izihloko zakamuva