Abanikazi bamakati e-Australia kuzodingeka bagcine izilwane zabo ziseduze kwabo ngemuva kwemithetho yakamuva yezwe.
I-Australia iyikhaya lamakati afuywayo angaphezu nje kwezigidi ezinhlanu ngokocwaningo lukazwelonke lwezilwane ezifuywayo olwenziwe i-Animal Medicine Australia.
Izwe liphinde libe namakati alahlekile alinganiselwa kuzigidi ezintathu. Kusolakala ukuthi minyaka yonke amakati afuywayo abulala ezinye izilwane ezingu-390 billion, ngokombiko we-Daily Mail.
Lezi zilwane zisolwa ngokushabalala kwezilwane okungenani ezingu-27 kuleliyazwe kusukela ezinyonini, izilwane ezihuquzelayo kuya kumagundane kanye nama-kangaroo asogwadule.
Leliyazwe selibeke imithetho eqinile, ehlanganisa ukugcina amakati eboshiwe, izikhathi zokubuya ekhaya kanye nezindawo ezingenazo amakati ukuze kugwenywe ukuthi abeke impilo yezinye izilwane engcupheni.
Ngonyaka odlule, imikhandlu yase-Victoria’s Knox City kanye ne-Adelaide Hills Council yasebenzisa imithetho yokugcinwa kwamakati amahora angu-24 ukuze akwazi ukuvinjwa ekutheni asongele ezinye izilwane.
Ezinye izifundazwe zikhawulela inani lamakati avunyelwe ikhaya ngalinye. Imikhandlu nayo inikezwe amandla okuqinisa imithetho yokuvalwa kwezilwane ezinoboya. Isibopho sokugcina amakati kude nemigwaqo siphezu kwabanikazi.
Kodwa-ke, amakati ayaqhubeka nokukhululeka ngokuphelele eNtshonalanga ye-Australia nase-New South Wales. Kodwa ngokwe-Sunday Times izifundazwe ziye zaba ngaphansi kwengcindezi yokuthi zisebenzise imithetho yokubuya ekhaya efana naleyo yasezifundeni ezingomakhelwane bazo.
Luhlanganiswe ngumbhali weStaff