Bakhala ngamahora abashayayo okusebenza omahosha e-Amsterdam 

Abathengisa ngomzimba esifundeni sase-Amsterdam bakholelwa ukuthi isikhathi esisha sokuba semakhaya sinomthelela omubi ebhizinisini labo.

Uhulumeni usanda kwenza izinguquko ezintsha esifundeni okuhlanganisa amahora ambalwa okusebenza, irenti ephezulu kanye nomsebenzi oyingozi abesifazane abasebenza emafasiteleni ezitolo abathi uthinta ukuphepha kwabo.

Izinguquko ziqale mhla zizinye kuMbasa kanti zisho ukuthi abasebenza emafasiteleni ezitolo ngeke bakwazi ukuvula phakathi kwehora lesithathu kuya kwihora lesithupha ekuseni.

“Sibone izinguquko ezinkulu,” kusho uPhoebe othengisa ngocansi.

“Ngicabanga ukuthi abaningi bethu bebelindele ukuthi mhlawumbe bangawubona umthelela emasontweni ambalwa noma mhlawumbe izinyanga, kodwa kusukela ngobusuku bokuqala kube nezinguquko ezinkulu.”

Isifunda sase-Amsterdam esinabesifazane abama emafasiteleni ezitolo bakhangise ngemizimba yabo, sesibe isizinda senkulumompikiswano iminyaka eminingi.

Osopolitiki okuhlanganisa neMeya yase-Amsterdam uFemke Halsema uthe lesi sifunda siheha izigebengu nabavakashi abathanda ukulwa, abalahla udoti emigwaqeni futhi bahlukumeza abasebenzi.

UPhoebe uthe ukuba namahora ambalwa okusebenza kwenyuse intengo yerenti ngenxa yomsebenzi omningi indawo incane.

“Uma ungumhwebi osebenza ngemali engenayo kusho ukuthi uphatha imali eningi ngaleso sikhathi ebusuku ngakho-ke, akudingi isigebengu esihlakaniphe kakhulu noma isigebengu sasemgwaqeni ukwazi ukuthi lesi isikhathi esihle sokugadla.”

UHalsema ubheke ukuthi kungenzeka avale isifunda unomphela.

Kodwa abadayisa ngocansi angeke bahlupheke njengoba iMeya ihlose ukuvula “isikhungo esinezitezi eziningi ukuze abadayisa ngomzimba bezokwazi ukuzikhangisa.

“Nginethemba lokuthi kuzokwakhiwa isikhungo esizobhekelela abadayisa ngomzimba futhi kuzoba indawo lapho kuhlangana khona izigebengu nabesifazane abasengozini enkulu,” kubika i-The Guardian ngokusho kukaHalsema.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe ngenhla: Isifunda sase-Amsterdam

Izihloko zakamuva