Bakhala ngamabhasi ayizibozi abuye aphelelwe udizili  

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Kwesinye isikhathi abagibeli base-Hammanskraal kufanele baphushe ibhasi ukuze lihambe – kanti ngesinye isikhathi kuze kudingeke ukuthi bakhiphe imali emaphaketheni abo ukuze bakhokhele uphethiloli.

Sebekuphakamisile ukukhathazeka kwabo kwi-North West Transport Investment (NTI) phambilini eyayaziwa nge-North West Star, kodwa abanalo ithemba lokuthi kukhona okuzokwenziwa ngale nkinga maduze.

Ngomhlaka-16 kuNhlolanja kube nomhlangano  wezokuthutha nezikhulu zikahulumeni ukuzama ukuxazulula izinkinga. Kodwa ngesikhathi kuqhubeka umhlangano ehhotela likanokusho eGoli elinye lamabhasi liye lama endleleni.

Umgibeli uKatlego Lesabane uthe kudingeke ukuthi abagibeli bahambe ngezinyawo indlela ebisele ukuze bafike emhlanganweni.

“Kungani nenza ingqungquthela?”Kungani ningavele nilungise la mabhasi amadala noma nithenge amasha? Le ngqungquthela bekuyizaba nje ukuze izikhulu zikahulumeni ziphume kule nkinga,” kusho uKatlego.

“Sisuke sifuna ukuya emsebenzini futhi uma umshayeli esicela ukuthi siphushe ibhasi akukho esingakwenza ngaphandle kokuliphusha, kubuhlungu kakhulu. Kwesinye isikhathi sifika emsebenzini singcolile ngenxa yokuphusha amabhasi abo amadala.”

Omunye umgibeli uLorato Modisakeng uthe amabhasi angamabhokisi ahamba ngamasondo.

“Uma sisemgwaqeni omkhulu sikhuleka kuNkulunkulu ukuthi amabhuleki angapheli. Uma sifika ekhaya sibonga uNkulunkulu ngokuthi sifike siphila,” esho.

ULorato uthe ngelinye ilanga ibhasi laphelelwa udizili ngaphambi kokuthi bafike lapho ababeya khona.

“Kwadingeka ukuthi sikhiphe u-R5 umuntu ngamunye ukuze umshayeli agibele imoto aye egaraji ayothenga udizili,” esho.

Okhulumela i-North West Transport Investment uFreddy Sepeng uthe lezi zinsolo azilona iqiniso. Uthe amabhasi abo akulungele ukuba semgwaqeni futhi ahlezi enawo uphethiloli.

“Kungase kube nebhasi elilodwa noma amabili angaba nenkinga, kodwa akusho ukuthi amabhasi wethu wonke madala futhi awasebenzi,” esho.

Esithombeni esingenhla: Abagibeli e-Hammanskraal bephusha ibhasi 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva