Bakhala ngabaphuma emazweni angaphandle ababathathele amabhizinisi

Everson Luhanga

U-Everson Luhanga ubika esesifundeni sase-Mopani e-Limpopo ukuthi abanikazi bezitolo zeziphaza bazizwa kanjani njengoba bekhishelwa ngaphandle kwezomnotho njengoba kungena izindawo zokugcina izimpahla zabaphuma emazweni angaphandle.

Ekuqaleni kwango-2000, umadala uSamson Mkhatshani Hlungwani wayenesitolo esichumayo endaweni yase-Sekgosese esifundeni sase-Mopani e-Limpopo.

Kusukela egalaji elingaphambili lendlu yakhe, wayenebhizinisi eliphumelelayo – indawo okwakuya kuyo izingane zesikole kanye nemindeni ukuze bathole ukudla kanye nezibiliboco. Kwakuwukuphela kwento eyayimgenisela imali, kanti kwakwanele ukondla umndeni wakhe nokuyisa izingane zakhe esikoleni.

Eqala ibhizinisi lakhe ngo-R2 000 kuphela ngo-1998, uHlungwani walenza laba likhulu ngokuba nesiphaza esisebenza ngokugcwele. “Ibhizinisi lami laliphuphuma,” esho.

“Ngangivuka ekuseni ngithole abantu bengilindile ukuthi ngivule isitolo. Ngangingakwazi ukuvala isitolo kusenesikhathi ngoba amakhasimende ayengqongqoza efasiteleni legumbi lami kokulala engicela ukuthi ngiwadayisele noma yini ayifunayo.”

Kodwa manje lokho sekuyindaba endala. Isiphaza sakwaHlungwani yisona sokugcina esimile, sibambelele naphezu kokusebenza okubi selokhu kwafika izinto zokugcina impahla eziphethwe abaphuma emazweni angaphandle zawisa amabhizinisi akuleli.

Leli khehla elithwele kanzima lithe ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili, sekusele kancane ukuthi ibhizinisi lalo liwe ngenxa yokuncintisana okulethwa izitolo eziningi ezithuthukayo.

“Bafike behlise amanani azo zonke izinto kanti kwenza ukuthi kube nzima ukuncintisana nabo.

“Angazi ukuthi basithenga kuphi isitoko sabo nokuthi ingakanani inzuzo abayenzayo ngamanani abo aphansi.

Uthe uhamba ibanga elingaphezulu kuka-80 km ukuya e-Tzaneen ngeveni aliqashile ukuze athenge isitoko sakhe.

“Ngisho ngentengo engiyidayisayo ngenza inzuzo encane kakhulu.

“Ngeminyaka yango-1990, abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle babengibiza “ngomngani wabo’.” Uthe yinkulumo ababeyisebenzisa uma bekhuluma ngabantu bendawo uma bethenga ngesikweletu. Babethi “Kulungile mngani wami, thatha manje ukhokhe kancane kancane ngenyanga.”

Babengena umuzi nomuzi bedayisa imishanelo, okhaphethi, ama-mops kanye nezindwangu zetafula.

UHlungwani uthe uzibonele ngawakhe ukuthi umnotho waselokishini ubanjwa kanjani ngamabomu ngaleli khono lokudayisela abantu ngesikweleti ngesikhathi abantu bendawo bengakwazi ukwenza lokho.

“Bangene ezindaweni zethu ngokunikeza abantu bendawo izimpahla ngezikweletu ngokuthi baqoqe imali yabo isikhathi eside.”

Ngokuhamba kweminyaka, lesi simiso esicophelelayo saqinisa indawo yabo emiphakathini. Kunjalo nangomkhuba wabo wokusebenza ezindlini eziqashiwe nasemagaraji emindeni yabantu bendawo, abajabulela imali yokuqasha.

“Uma umuntu oyedwa evunyelwa, babefika neqembu labangani babo noma umndeni bedayise bephinde belale egaraji elilodwa.

“Ngemuva kwamasonto ambalwa ububona bonke abangani babo sebesebenza eziphaza ezigodini nasemalokishini ngamanani aphansi. Yilapho amabhizinisi amaningi endawo aqala khona ukulahlekelwa futhi amaningi avalwa,” kusho uHlungwani.

Esigodini esincane esibizwa nge-Senwamokgope, kunomgwaqo lapho laba abaphuma emazweni angaphandle abaqashe khona cishe zonke izindlu baze bakha nesonto, benza lezi zindawo amakhaya abo.

Owesifazane wakule ndawo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe yilapho okwakhula khona inzondo nokungaboni ngaso linye nabaphuma emazweni angaphandle kanti lokho sekuholele ekutheni kube nodlame. Abantu bendawo babengasakwazi ukuncintisana ngebhizinisini futhi balahlekelwa ukulawula kanye nomthombo wabo wemali ngokushesha.

E-Sekgosese, i-Scrolla.Africa sikhulume nabanikazi bezitolo abathathu bakule ndawo abaqinisekise ukuthi lolu hlelo lwenza izitolo zabo zingabi namsebenzi. Baqashise izitolo zabo kubanikazi beziphaza abaphuma emazweni angaphandle, asebenezindawo zokugcina izimpahla eziphakela zonke izifunda.

Njengoba zidlondlobala iziphaza zabaphuma emazweni angaphandle bayanda abantu bakuleli okudingeke ukuthi bavale bese beqashisa ngezindawo zabo kulokho abakubiza ngokuthi ukukhishwa ngamabomu kulo mnotho.

Izihloko zakamuva