Bakhala ngabafundi abafundela ngaphansi kwesihlahla 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Abafundi besikole samabanga aphansi iMdinwa eHluhluwe, enyakatho yeKwaZulu-Natal baphoqeleke ukuthi bafundele ngaphansi kwesihlahla ngoba ibhilidi lesikole eseligugile aliphephile ukuthi lingasetshenziswa.

Abafundi abaningi bakulesi sikole baphuma emakhaya anhlwempu endaweni yasemakhaya eHluhluwe.

Umzali uMnu Thabo Mnguni uthe: “Inhliziyo yami yaba buhlungu ngesikhathi ngibona abafundi ngaphansi kwesihlahla. Ngiyethemba ukuthi umnyango uzokulungisa lokhu. Kodwa thina njengomphakathi kumele sivikele izikole zethu kumasela.”

UMnguni uthe uzohlangana nabanye abazali balungise lolu daba.

Uthe lesi simo simzwisa ubuhlungu.

Ayikho ingane okumele ifundele ngaphansi kwesihlahla kulo nyaka,” kusho uMnguni.

Ilungu lomphakathi uSamson Gumede naye ukhathazekile.

“Lolu daba lusidinga sonke hhayi abantu abambalwa. Lezi zingane zingabaholi bakusasa, futhi kufanele silwele ukwenza lesi sikole sibe indawo engcono.”

UGumede uthe kunemifantu eminingi ezindongeni zebhilidi kanti lokho kubeka izimpilo zezingane engcupheni.

“Ngelinye ilanga lesi sikole sizobhidlika sibulale izingane okuyilapho esoqala khona ukusukumela lolu daba. [Kodwa ake] silwe nalolu daba manje ngokubiza uMnyango wezeMfundo ukuthi ulungise lesi sikole.”

Sekuphele iminyaka eminingi esinye isikole samabanga aphezulu iBhekisizwe,

 eBabanango, enyakatho yeKwazulu-Natal  simapeketwane.

Asinazo izindlu zangasese ezifanele noma amanzi aphuma empompini.

Sekuphele iminyaka emihlanu izindlu zangasese zesikhashana zingasebenzi nokuyinto ethukuthelisa abazali.

“Lokhu kukhombisa ukuthi izingane zethu zizimele zodwa. Lesi sikole simapeketwane. Kubuhlungu lokhu ngoba izingane zethu ezifunda kulesi sikole. Bazozikhulula kuphi uma imvelo ibabiza?” kubuza umzali womfundi webanga lesishiyagalolunye uSandile Mhlongo.

UMnyango wezeMfundo awutholakalanga ukuthi uphawule.

Esithombeni esingenhla: Abafundi abafundela ngaphansi kwesihlahla

Umthombo wesithombe: Lungani Zungu

Izihloko zakamuva