Bakhala bayazithulisa abesifazane bakuleli emva kokuvuma ukuqolwa abokufika

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iphoyisa elingumseshi, umhlengikazi, nabanye besifazane ababili baqolwe izigidi zamarandi ngamadoda amathathu aqhamuka e-Zambia, e-Uganda nase-Ghana. 

Amaphoyisa ase-North West acela usizo lomphakathi ukuze kutholakale abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Adéle Myburgh uthe amaphoyisa eSAPS aphenya amacala amane okukhwabanisa. 

“Icala elilodwa lavulwa eRustenburg ngoZibandlela ka-2023, amabili ngoNdasa ka-2024 eTlhabane naseMogwase, kwathi elesine labikwa eMmabatho ngoNhlolanja ka-2024,” usho kanje.

Ecaleni lokuqala, umphenyi wamaphoyisa oneminyaka engu-53 ubudala uhlangane nendoda yase-Uganda, uDkt Kalvin Sofika enxanxatheleni yezitolo eRustenburg. 

Baqala ukuthandana futhi wamlutha ukuba athathe imali ebolekiwe futhi asule emsebenzini wakhe. Ngemuva kokusula kwakhe waphinde waboleka imali engu-R2.9-million, uSofika wanyamalala.

Ecaleni lesibili nelesithathu, umsolwa owaziwa ngelikaKareem wase-Ghana uqole abesifazane ababili eTlhabane naseMogwase. 

NgoMasingana ka-2024, uKareem wahlangana nowesifazane oneminyaka engu-45 ubudala osebenza emayini eRustenburg. Wamncenga ukuthi asule emsebenzini ayoboleka imali engu-R170 000, wabe esenyamalala. 

Umsolwa ofanayo wahlangana nowesifazane oneminyaka engu-35 ubudala eMogwase wamncenga ukuthi amboleke u-R60 000 ngaphambi kokunyamalala.

Ecaleni lesine, umhlengikazi oneminyaka engu-52 waseMmabatho wahlangana nendoda yase-Zambia, uFelix Mugi ngoZibandlela ka-2023. Wamethula ku-anti wakhe “ophiwe ngokomoya” owamqinisekisa ukuthi akhiphe u-R350 000, wamthembisa u-R3.8-million uma isibuya.

UMugi kanye no-anti wakhe banyamalala ngemuva kokuba umhlengikazi ebanike imali.

Isithombe esingenhla: Udokotela uKalvin Sofika, uKareem wase-Ghana, noFelix Mugi, odabuka e-Zambia.

Umthombo: North West SAPS

Izihloko zakamuva