Razeen Gutta
INdebe yoMhlaba ezoba se-Qatar ingeyokuqala ngqa ukuhlanganisa onompempe besifazane, kuzoqokwa onompempe besifazane abathathu nabasizi abathathu abazophatha lo mqhudelwano.
Unompempe wase-France uStéphanie Frappart uzojoyinwa nguYoshimi Yamashita wase-Japan noSalima Mukansanga wase-Rwanda ozomela i-Afrika embukisweni womhlaba. Laba besifazane abathathu bayingxenye yonompempe abangu-36 be-Fifa abaqokelwe lo mqhudelwano.
Abasizi abathathu besifazane abakhethiwe nguNeuza Back wase-Brazil, uKaren Diaz Medina wase-Mexico noKathryn Nesbitt wase-USA.
Ngemuva kokuba ngowesifazane wokuqala ukuba ngunompempe kwi-French Ligue 1 uFrappart uqhubekile nokuphatha umdlalo wamanqamu we-Uefa Super Cup ngo-2019 wabe esephatha owe-Champions League ngo-2020.
Yize kunjalo kodwa ukubeke kwacaca ukuthi ithuba lokuya eNdebeni yoMhlaba liseyinto ekhethekile kuyena.
“Akusekho mayelana nokuthi ngingowesifazane. Kumayelana nekhono osuke unalo ngithinteke kakhulu ngoba bengingakulindele lokhu.”
Umphathi wekomidi lonompempe le-Fifa uPierluigi Collina umemezele ukuqashwa kwalezi zikhulu wathi ziqokwe ngokwezinga lazo.
“Siqoke abantu ngokwekhono labo hhayi ngokokubili.”
Umthombo wesithombe: @24NewsHD