Bahleli ngokwesaba abantu bakuleli abavaleleke e-Khartoum

Lubhalwe intatheli yeScrolla

Bangaphezu kuka-50 abantu bakuleli abaphakathi kwabantu abaningi  abavaleleke e-Khartoum.

Njengoba impi yombango yase-Sudan ingena osukwini lwesine, i-World Health Organisation ilinganisela ukuthi zingaphezu kuka-400 izakhamuzi esezibulewe.

Amasosha e-Rapid Support Forces athembeke kumphathi wempi uGeneral Hamdam Dagalo (Hemedti), agada inkaba yedolobha nesikhumulo sezindiza.

Izindiza zamasosha kahulumeni ngaphansi kukaGeneral Abdel Fattah el-Burhan, bezilokhu ziqhumisa amabhomu futhi zigxisha i-RSF ezindaweni zokuhlala futhi isikhumulo sezindiza besilokhu sihlaselwa ngamabhomu.

Ekuseni ngeSonto amasosha aseMelika, awase-France nawase-Britain aqale umkhankaso wokuzama ukuhlenga abantu bawo.

Uhulumeni wakuleli uthi ubheka izindlela zokusiza labo abavaleleke kulelizwe elibhekene nempi, njengoba enxuse izakhamuzi zakuleli ukuthi zihlale ezindlini futhi zilinde umnyalelo olandelayo.

Kukhona abanye abantu abakwazile ukubaleka kuleli dolobha, kanti abasemazweni angaphandle basebenzise isembozo sokumiswa kwezikhali kwe-Eid-al-Fitr ngempelasonto ukubalekela izwe.

UYousra Elbagir, intatheli yase-Sudan-British kanye nombhali uthe kwesinye sezakhiwo esisodwa, izakhamuzi ezingu-32 zivaleleke ngaphakathi azikwazi ukubaleka.

“Omunye ungitshele ukuthi abantu bakhathazekile. Ezinye izingane uyabona ukuthi isimo siyabathinta futhi zethukile.”

Babalelwa ku-4,000 abafundi base-Nigeria abavaleleke kuleli lizwe. Ngokwemibiko baphelelwa ukudla namanzi kanti bathembele kubantu bangaphandle ukuze babatakule.

Uhulumeni uthe seziqalile izinhlelo zokuhlenga abantu base-Nigeria abavaleleke e-Sudan, njengoba inkinga yezwe iqhubeka nokujula.

UPeter Obi, ongenele ukhetho lwe-Labour Party okhethweni lwakamuva, unxuse uHulumeni Wombuso wase-Nigeria ukuthi asheshise yonke imizamo yokuhlenga abafundi base-Nigeria.

UGabriel Odu, okhulumela abantu base-Nigeria ku-Diaspora Commission, uthe babambe imihlangano ukuze babone ukuthi bangalusingatha kanjani udaba lokukhishwa kwabantu.

Isithombe esingenhla: I-Sudan ebhekene nempi

Umthombo: I-Twitter

Izihloko zakamuva