
Sizwe Sibiya
Iminyaka emibili edlule ayizange ibe mihle embonini yamahlaya. Ubhubhane lwe-Covid-19 oluhambisana nokuvalwa kwezwe kuvimbe imibukiso yamahlaya ebukhoma.
Futhi manje njengoba amanani entengo kaphethiloli ekhuphuka, kuba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume bayozijabulisa edolobheni.
Lezi zinkinga zibonakale emcimbini wamahlaya wodumo e-Durban Bat Centre ngoMgqibelo ebusuku, ngemuva kokuthi abantu abaningi bahluleke ukufika kulolu hlelo.
Kodwa kungene iqembu le-Kings of Zulu Comedy – uMazwi Mkhize, uMshini Ntuli kanye noMaster Mdletshe – kwashukuma inkundla.
Bekuhlekwa kuphela kuleya sethi.
Yize bekucishe kungabi namuntu kodwa bekuhlekwa kuphela ngesikhathi labo somahlaya beqhulula amahlaya ahlekisayo ngezihlalo ezingenamuntu.
Ababukeli bekuyizithandani, bonke abasale bebambe ongezansi ngezinga elikhulu lamahlaya enziwe. Bekukhona ngisho nedlanzana labantu abebengabodwana abagcine beyingxenye yalo mcimbi.
“Okungijabulisayo wukuthi sininike into ebesisazoyenza ukube bekugcwele phama lapha. Akukho okushintshile,” kusho uMkhize obuye abe ngumhleli we-Kings of Zulu Comedy Shows.
“Ngithanda ukubonga bonke osomahlaya abafikile basipha konke abanakho.”
Umlingisi uBheki Mkhwane, odume ngendima yakhe embukisweni wakumabonakude Isibaya, uSamson Ndlovu, uhlulekile ukufika njengabo bonke abantu – yize ebebalwe njengo somahlaya ohamba phambili.
“Siyaxolisa egameni likaBheki Mkhwane. Kunohlelo olusha alushuthayo njengamanje,” kusho uMkhize ngaphambi kokuthi avale lolu hlelo.