Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ngesikhathi iqembu lentsha lithi lijahwe izimpisi ezimbili ngesikhathi libuya endaweni yokucima ukoma izakhamizi bezicabanga ukuthi kufanele ukuthi belidakwe kakhulu.
Kodwa ukukhala kwezilwane okuxakile ebusuku kwenze izakhamuzi zase-Resort 77 e-Mamelodi East zicabange ukuthi lentsha ebidakiwe iqinisile.
NgoLwesihlanu olwedlule abazalwane abebephuma emthandazweni wasebusuku bathi bazithele phezu kwezimpisi babaleka ukuze basindise izimpilo zabo. Ukuhlangana kwabo nalezi zilwane zasendle kwenze yonke le ndawo yavalwa.
Omunye wabazalwane ababone lezi zimpisi u-Isabella Malapaneuthe namanje usahlukumezekile.
“Ekuqaleni besicabanga ukuthi izinja. Kodwa amehlo azo ebekhanya futhi ecwebezela. Ngesikhathi lezi zilwane ezimbili ziqala ukwenza umsindo sengathi ziyahleka sivele sabona ukuthi izimpisi. Kudingeke ukuthi sibaleke ukuze sisindise izimpilo zethu,” esho.
“Ngemuva kokubona lezi zimpisi abantu abaningi sebekuqinisekisile ukuthi bakuzwile ukuhleka kwempisi. Kufana nokuthi ziyasihleka njengoba sesizivalela endlini.”
Isakhamuzi u-Abel Lamula uthe ngehora lesikhombisa zonke izitolo ziyavalwa futhi akekho ozulazula emigwaqeni.
Uthe bacabanga ukuthi lezi zilwane zizingela abantu njengoba bengenayo imfuyo engadliwa izilwane.
“Yebo sisemaphethelweni ase-Mamelodi eduze namahlathi neziqiwi kodwa akukho ngisho izimbuzi lapha ngakho kuyacaca ukuthi izimpisi zifuna thina,” kusho u-Abel.
U-Abel uthe okubathusa kakhulu ukuthi kunenkulisa ekugcineni kwemijondolo eduze nehlathi.
“Kuzothiwani uma impisi ihlwitha ingane? Umasipala wase-Tshwane kumele uzibambe uziyise endaweni ephephile ngaphambi kokuthi kuvele inhlekelele,” esho.
Indawo yase-Resort 77 inedamu eliphakela izingxenye eziningi zase-Mamelodi ngamanzi.
Okhulumela umasipala uLindela Mashigo uthe umasipala awuyazisi le ndawo njengenemijondolo.
“Ngo-2013 uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu wathutha zonke izakhamizi ezazihlala eduze kwamadamu waziyisa e-Nellmapius EXT 21 no-24,” kusho uMashigo.
Esithombeni esingenhla: Imijondolo ye-Resort 77 eMamelodi
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla