Bahlalele ovalweni e-Gqeberha ngemuva kokudutshulwa kwabantu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Bahlalele ovalweni abantu baselokishini lase-Gqeberha ababiza usuku lwangeSonto njengosuku lokuchitheka kwegazi njengoba izisulu zakamuva zidutshulwe zabulawa eZwide ngeSonto ebusuku.

Njalo ngeSonto kusukela ekuqaleni kukaNhlolanja, izigameko zokudubulana ezibulalayo zihlasele amalokishi ase-Gqeberha.

Konke kwaqala ngokudutshulwa kwabantu abaningi emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa elokishini laKwazakhele ngomhlaka-29 kuMasingana, ngesikhathi kushona abantu abayisishiyagalombili kwalimala abathathu. Bangu-19 sebebonke asebedutshulwe babulawa kusukela lapho.

Isigameko sakamuva sokudubula sidlule nemiphefumulo yabantu okubalwa uMzamo Ngumbela noKhanya Mali ngesikhathi beshiya umngani wabo emgwaqeni obizwa ngoZwide Ngwekazi. 

Okhulumela amaphoyisa ase-Gqeberha uColonel Priscilla Naidu, uNgumbela utholwe enenxeba lokudutshulwa ekhanda esihlalweni somshayeli wemoto yakhe, kodwa abanye abagibeli abathathu bakwazile ukubaleka endaweni yesigameko.

“Kusolakala ukuthi ibisemgwaqeni okukhulunywa ngawo ngesikhathi kuqhuma isibhamu kuyona. Owesifazane oyedwa olimele okungadalulwanga iminyaka yakhe utholwe endlini eseduze enamanxeba okudutshulwa entanyeni waphuthunyiswa esibhedlela kanti ugcine eshonile ngenxa yokulimala kwakhe ngezikhathi zasekuseni.

“Uhlonzwe njengoKhanya Mali. Abanye abagibeli ababili abaziwa okwamanje.

“Amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.”

Izakhamuzi zase-Gqeberha zithe ziphila ngokwesaba ngenxa yababulali abangenabubele abagasela ezindlini zabantu nasezindaweni zokucima ukoma baze bavulele nangenhlamvu emigwaqeni emini kwabha.

Ukuya nje esitolo sekuyingozi njengoba izakhamuzi zisaba ukuthi zizobuya ziphila yini emakhaya.

Izakhamuzi eziningi ezingathandanga kudalulwe amagama azo, zithe ziyesaba kakhulu ukuyisa izinsolo zazo emaphoyiseni.

“Alikho nelilodwa iSonto le nyanga elidlule kungadutshulwanga umuntu emalokishini ethu.

Siyesaba futhi sesaba ngisho nokushiya amakhaya ethu, awazi ukuthi uzobuya uphila yini amaSonto afana nezinsuku zokuchitheka kwegazi kuyathusa konke lokhu.” Ekhombisa ukuvevezela ngenxa yokwesaba.

Esinye isakhamuzi sithe bahlezi bebheka ukuthi ubani ozolandela.

“Kubi kakhulu kangangokuthi siyesaba ukwenza imisebenzi yesintu ngoba sesaba ukuthi izigebengu zingadubula izihambeli. Sesaba ngisho nokuthumela ingane esitolo ngoba ingase ingabuyi.”

Esinye isakhamuzi sithe abakufunayo ukuthi uhulumeni atshale amasosha njengoba kusobala ukuthi amaphoyisa ngeke esakwazi ukubavikela.

“Akusoze kwaba yinto encane ukuthi abantu bavele bagasele endlini baqale ukudubula. Sidinga amasosha nezokuphepha.

Sidinga amasoha agasele ukuze kuzothathwa zonke izibhamu ezingekho emthethweni,” kusho isakhamuzi. 

Ngokusho kwamaphoyisa ase-Gqeberha imbangela yokudubula ibingakaziwa kanti bekungakaboshwa muntu.

Esithombeni esingenhla: Imoto ewuhlobo lwe-Ford Ranger kaMzamo Ngumbela emgwaqeni uNgwekazi okuyilapho adutshulwa khona.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva