Bahlalele ovalweni abafundi ngenxa yobugebengu 

Lubhalwe nguLungi Langa

Indawo ehlala abafundi baseNyuvesi yase-Zululand, KwaDlangezwa isiphenduke indawo yokuzicanasela kwezigelekeqe okushiye abafundi behlukumezekile.

Ividiyo etholwe i-Scrolla.Africa ikhombisa isigameko esenzeke emagcekeni lapho okuhlala khona abafundi ngesikhathi oweforamu elwa edubula iqulu lezigelekeqe ebezihlomile zibaleka ngemuva kokugebenga abanye abafundi bebakhomba ngezibhamu.

Lesi sigameko senzeke ngehora lesishiyagalombili ngoLwesibili ebusuku, iqulu lezigebengu lendawo ligebenge ladubula iqulu labafundi. Lezi zigelekeqe zifike zafuna omakhalekhukhwini, ama-laptop nezinye izinto kubafundi abebethukile.

Yize kungekho umfundi olimele kulokhu kuhlasela kwakamuva, abafundi bazizwa becindezelekile futhi bakhathazekile.

Okwesibili behlaselwa esikhathini esingaphansi kwesonto.

“Abafundi abahlala kwezinye zezindawo ezingaphandle kwesikhungo bahlala benovalo lokuphucwa impahla yabo bekhonjwe ngezibhamu. Ezinye izindawo zokuhlala zinezinkundla ezilwa nobugebengu futhi ziyasiza kodwa ezinye izindawo azinalo usizo,” kusho uSihlalo we-South African Students Congress (Sasco) eNyuvesi, uSiboniso Gamede.

Uthe bakholwa ukuthi ukuhlaselwa kwabafundi abahlala ezindaweni ezingaphandle kwesikhungo kuhlelwe izigelekeqe. UGamede uthe izigebengu bezihlome ngezibhamu ezinkulu futhi zihamba ngezimoto.

UGamede uthe bafuna abafundi abahlala ezindaweni ezingaphephile bayiswe kwezinye eziphephile. Bafuna nokuthi kube nezokuphepha ezibonakala kwezinye zezindawo ezinobungozi.

Ngemuva kokuhlasela kwakamuva abenzi bobubi ababili babanjwe yilabo abalwa nobugebengu abaholwa ikhansela lendawo. UNtuthuko Makhanya omele uwadi-34 e-Richards Bay, uthe bakhathazekile ngokuphepha kwabafundi bale Nyuvesi.

UMakhanya uthe ngesikhathi bezwa ngomdonsiswano phakathi kwabafundi nezigebengu ebezihlomile iqulu lizithele phambi kwabo kwaba nokudubulana, kodwa kwangalimala muntu.

Uthe unethemba lokuthi iforamu izodlulela nakwezinye izindawo futhi kwengezwe ezokuphepha.

“Sinesifiso sokubamba umhlangano nabanye abanikazi bezindawo zokuhlala ukuze siqhamuke nohlelo oluhlanganisa ukuqasha onogada abahlomile abazogada indawo ngezikhathi ezithile emini. Sidinga izindawo zokuhlala zibe nezokuphepha ezibekwe emagcekeni,” kusho uMakhanya.

Abaphathi beNyuvesi bamise wonke amakilasi kulandela isigameko sakamuva ukuze banikeze abafundi abathintekile ithuba lokuthola ukwelulekwa ngokwengqondo futhi bavumele iNyuvesi ukuthi iluphenye lolu daba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi abesilisa ababili, oneminyaka engu-30 noneminyaka engu-27 ubudala baboshwe ngamacala okuzama ukubulala nokuntshontsha.

Isithombe esingenhla: Oweforamu yasendaweni odubule izigebengu ebezibaleka ngemuva kokugebenga abafundi bebakhomba ngezibhamu.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva