Bagwetshwe iminyaka engu-843 abebebamba abantu inkunzi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abasolwa abayisithupha bagwetshwe iminyaka engu-843 bebhadla ejele ngamacala angu-68.

Ngosizo lwabasebenzi basebhange nezinye izikhulu zamabhange amalungu eqembu lezigilamkhuba  ebelisebenza eGoli, e-North West, nase-Limpopo beligebenga amakhasimende asebhange akhipha izizumbulu zemali ebhange.

Ngemuva kokulunywa indlebe ngabasebenzi basebhange leli qembu belilandela amakhasimende liwabamba inkunzi liwakhombe ngezibhamu.

NgoLwesibili lezi zigebengu eziyisithupha ebezigebenga abantu zihlomile zigwetshwe eNkantolo eNkulu, e-Gauteng Local Division eGoli ngamacala ahlanganisa ukukhwabanisa ngokuphatha nokubamba iqhaza ebhizinisini, ukuthumba, ukugebenga, ukubulala, inkohlakalo, ukwakha itulo kanye nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu.

Laba abayisithupha nguVusimuzi Jomo Mazibuko (43), uXolani Comfort Mkhwanazi (32), uShaun Khumalo (25), uVusi David Sibanyoni (41), uSticks Nkuna Bhova (46) kanye noCalvin Congo Mabunda (40).

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni saseGoli uPhindi Mjonondwane uchaze indlela yokusebenza emangalisayo yalezi zigebengu.

“Ngemuva kokuthola ulwazi kumalungu enhlangano abone amakhasimende ekhipha imali ebhange abe esethumela imininingwane yezisulu kwamanye amalungu eqembu,” echaza.

Ngemuva kwalokho la malungu eqembu lezigelegeqe “alandela amakhasimende bese ewahlasela ezindaweni ezingazodwa noma emizini yawo ukuze awaphuce imali ayikhiphile nezinye izinto ezinjengomakhalekhukhwini nezikhwama zemali.”

Uthe la madoda aqala ukwenza lobu bugebengu e-Rustenburg ngo-2011 ngesikhathi ezama ukugebenga iposi e-Mabeskraal ngokuthumba omunye wabasebenzi ababecabanga ukuthi unokhiye wendawo egcina imali.

Bathuthela ubugebengu babo eGoli, kanti ngoNcwaba ngo-2013 babona uJohan Joseph Meyer nomkakhe bekhipha isamba semali ebhange.

“Osebenza ebhange wanikeza ozakwabo imininingwane yalezi zithandani ezalandelwa emzini wazo lapho uMeyer agetshengwa khona ekhonjwe ngesibhamu wadutshulwa washona.

“Baphinde balandela amakhasimende ase-Booysens, e-Kliprivier, nase-Vereeniging besebenzisa uhlelo olufanayo,” esho.

UMjonondwane uthe odabeni lwase-Booysens imininingwane eyanikezwa ithimba labasolwa itholwe komunye wabasolwa obengumabhalane wasebhange owakhokhelwa ngokukhipha le mininingwane.

“Baqhubeka nomsebenzi wabo wobugebengu e-Giyani phakathi kuka-2017 no-2018 besebenzisa indlela efanayo ukuze bahlasele amakhasimende amaningi.”

Uthe lezi zigebengu zagcina ziboshwe esitolo e-Giyani lapho ezahlasela khona abasebenzi ababesanda kukhipha imali eningi ebhange. Izigebengu zabaleka endaweni yesigameko zajahwa ngamaphoyisa kwabe sekulandela ukudubulana.

Ubuye wengeza ngokuthi izigebengu ziphinde zimataniswa nobugebengu bokusebenzisa izigxivizo zeminwe, ukubonakala kobuso, ubufakazi bochwepheshe bezikhulu zamabhange, kanye nokuhlonzwa okuhle okuhlukahlukene emibuthanweni yomazisi.

Esithombeni esingenhla: Amalungu eqembu lezigelegeqe ebelisebenza ukubamba inkunzi eGoli, e-North West nase-Limpopo 

Umthombo wesithombe: National Prosecuting Authority

Izihloko zakamuva