Bagwetshwe esentambo ngokukhandwa ngamatshe

Kamogelo Olaitan

Inkantolo ye-Islamic shari’a enyakatho ne-Nigeria ikhiphe izigwebo zokufa ngokukhanda amadoda amathathu ngamatshe “azivumele” wona ukuthi athandana nobulili obufanayo.

Amadoda amathathu (20), (30), (70), agwetshwe esentambo yijaji uMunka’ilu Sabo endaweni yase-Ningi, esifundazweni sase-Bauchi.

I-Reuters ibika ukuthi ukhomishana u-Adam Dan Kafi uthe inkantolo ye-shari’a ibeke laba abathathu icala ngemuva kokuthi baboshwe ngomhlaka-14 kuNhlangulana esigodini sase-Gwada.

Bagwetshwe ngaphansi kwesigaba 134 soMthetho weZigwebo zesiFundazwe sase-Bauchi sango-2001, ngomthetho othi: “Noma ngubani owenza icala lokuthandana nobulili obufanayo uyojeziswa ngokufa ngokukhandwa ngamatshe noma ngayiphi enye indlela enqunywe umbuso.”

Kodwa-ke, noma yisiphi isigwebo sentambo esikhishwe izinkantolo ze-shari’a sidinga ukugxivizwa umbusi wezwe.

Kodwa la madoda angadlulisela izigwebo phambili ezinsukwini ezingu-30 ezizayo.

I-Bauchi ingesinye sezifundazwe ezingu-12 ezisenyakatho ezisebenzisa uhlelo lomthetho wamaSulumane.

Ngaphansi kwemithetho yezwe yobugebengu yasenyakatho naseningizimu ye-Nigeria, isijeziso esiphezulu sokwenza ucansi nobulili obufanayo iminyaka engu-14 ejele, futhi imishado yobulili obufanayo ayivunyelwe ezweni lonke.

Izihloko zakamuva