Bagqekezelwe besenkundleni abadlali bePSG

Dylan Bettencourt

U-Angel Di Maria ubesenkundleni ngesikhathi ezwa ukuthi kubanjwa inkunzi emzini wakhe.

Ube eseshintshwa ngomunye umdlali ngokushesha futhi washiya e-Parc de Princes waya ekhaya emndenini wakhe.

Ngaso leso sikhathi bekugqekezwa nasemzini wabazali bakaMarquinhos. Umvikeli wase-Brazil uziqinisekisile lezi zindaba ku-Instagram ngemuva kokuthi umdlalo ufinyelele emaphethelweni.

Intatheli yebhola lase-France uJulien Laurens ukhulume ngoMsombuluko enkulumweni ye-Sport Breakfast ngokwenzeke ngesikhathi somdlalo wangeSonto.

“Bekuyinto engingakaze ngiyibone ngaphambilini,” kusho uLaurens.

Uthe, wabona uLeonardo, umqondisi wezemidlalo wePSG owayehleli ebhokisini lomqondisi, ehla ezokhuluma nomqeqeshi uPochettino owabe eseshiya ibhentshi lakhe waya ngakubadlali.

Uthe, bebezibuza ukuthi ngabe uLeonardo utshela uPochettino ukuthi enzeni.

“Kodwa manje sesiyazi ukuthi uLeonardo ubemazisa uPochettino ngokwenzeka emndenini kaDi Maria, mayelana nokugqekezwa kanye nokwesaba ababe nakho ngesikhathi abaphangi bengena. Bathathe isinqumo ngokubambisana ukukhipha uDi Maria.”

Imibiko ikhombisa ukuthi kwebiwe amawashi nobucwebe obungaphezu kwama-euro ayizi-500,000 kulowo owake wadlalela iManchester United. Ubaba kaMarquinhos uhlaselwe washaywa ebusweni, ezimbanjeni nasesifubeni ngesikhathi kubanjwa inkunzi emzini wabo.

Umthombo wesithombe: @TimesLive

Izihloko zakamuva