Celani Sikhakhane
NgoLwesithathu kuqubuke uqhekeko eqenjini le-ANC e-North West ngesikhathi abasebenzi abebehlome ngocelemba begasela emhlanganweni womkhandlu befuna kukhishwe umphathi kamasipala.
Abasebenzi kuMasipala wase-Ditsobotla e-Lichtenburg bazamile ukuphoqa ukuthi uJonas Lethlaku axoshwe ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi akakulungele ukusebenza.
Amaqembu aphikisayo athi lesi siphithiphithi sisuke ngenxa yokuthi iqeqebana le-ANC liqhubekile nokuqoka uLehlaku yize inkantolo ikhiphe umyalelo.
USihlalo wekhokhasi ye-EFF, uBrenda Mokone, udalule ukuthi inkantolo inqume ukuthi uLehlaku akakulungele ukusebenza ngenxa yokuthi usasesibhedlela kodwa imeya yanquma ukumqoka noma kunjalo.
“Yingakho i-ANC ilwa, futhi manje izama ukufaka amaqembu aphikisayo ezimpini zayo ezingahlangene nathi,” kusho uMokone.
Ngesikhathi umhlangano uqhubeka, abasebenzi abebethukuthele bagane unwabu bakhiphe onogada endlini yomkhandlu bebasabisa ngocelemba.
Ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu, kuye kwaqiniswa ezokuphepha kulo lonke ibhilidi kanti onogada bayalelwe ukuthi bangabavumeli abasebenzi ukuthi bangene emagcekeni kamasipala.