Bagane unwabu abaphathi bamatekisi Abashayeli bamatekisi abathukuthele bathi uhulumeni “uyaseyisa”

Everson Luhanga

Kungenzeka abagibeli bamatekisi asenyakatho neGoli bahambe ngezinyawo ukuya emsebenzini ngoMsombuluko ngemuva kokuthi izinhlangano zamatekisi zichithe isibonelelo semali ephuma kuhulumeni ngoba bethi incane.

Izinhlangano zamatekisi zihlele ukuvala thaqa, basabisa ngokuthi awekho amatekisi azohamba ngoMsombuluko mhla zingama-22 kuNhlangulana.

uNgqongqoshe wezokuthutha uFikile Mbalula unikela ngemali eyizi-R5 000 itekisi ngayinye, kodwa izinhlangano ezimbili zamatekisi enyakatho neGoli zifuna imali eyizi-R45 000 zamarandi.

Inhlangano yamatekisi yase-Alexandra (ATA) kanye nenhlangano yamatekisi i-Alexandra, i-Randburg, i-Midrand, i-Sandton(Armsta) zichaze lesi sibonelelo semali kaMbalula sesigidigidi esiyi-R1.135 kwizimboni zamatekisi njengokweyisa”.

Usihlalo we-ATA uVusi Mayaba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umbhikisho kuyo yonke imzila izoqhubeka uNgqongqoshe aze abuye nomnikelo ofanele.

“Sihambisane nenqubo mgomo,” kusho uMayaba. “Senze konke uhulumeni asitshele ukuthi sikwenze. Manje sifuna ukuthi nabo basisize.”

Izihloko zakamuva