Bafunwa uthuli ababambe imoto yemali

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa athungatha iqulu labasolwa ababandakanyeka ekuqhunyisweni kwemoto yemali e-Hammanskraal, e-Tshwane, ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Amanda van Wyk uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha iqulu labasolwa abathinteka ekuqhumiseni imoto yemali okwenzeke ngaseMandela Sports Complex e-Hammanskraal ngezithuba zabo-07:45 ekuseni.

UVan Wyk uthe umbiko wokuqala uveza ukuthi umshayeli weveni yemali kanye nabasebenzi ababili bebehamba ku-Hamanman Road e-Hammanskraal ngemuva kokuphuma kuthelawayeka u-N1 ngesikhathi bevinjwa iqulu labasolwa abebehlomile bashayisa iveni nge-Mercedes Benz C180.

“Kusolakala ukuthi abasolwa badubule bebhekise konogada base beqhumisa iveni yemali ngaphambi kokuba babaleke nesamba semali esingadalulwanga. 

Abasolwa kuthiwa babaleke endaweni yesigameko ngemoto yohlobo lwe-Ford Ranger emhlophe,” kusho uVan Wyk.

I-ENCA ibika ukuthi cishe zingu-250 izigameko zokugetshengwa kwezimoto zemali ezenzeke ngoMasingana kuya kuMfumfu nyakenye – okunyuke ngo-30% kusukela esikhathini esifanayo ngo-2022.

I-Cash-In Transit Association of SA ikhathazekile ngalezi zigameko ezenzeka ezweni lonke.

Mhlaka-2 kuNhlolanja, amaphoyisa ase-Gauteng aqala umkhankaso wokuthungatha iqeqebana labasolwa abamataniswa nenkunzi yemali ku-Golden Highway, eningizimu yeGoli.

Ngomhlaka-3 kuNhlolanja, amaphoyisa aKwaZulu-Natal abethungatha okungenani abasolwa abayisikhombisa kulandela isigameko sokugebenga imoto yemali ku-R34 phakathi koLundi ne-Melmoth.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uBrigadier Jay Naicker uthe abasolwa kubikwa ukuthi bebehamba ngezimoto ezimbili.

“Kusolakala ukuthi badubule bebhekise evenini elithwala imali base beliphoqa ukuthi lime,” usho kanje. “Onogada ababili bathole imihuzuko kwaphinde kwebiwa nezibhamu zabo.

“Abasolwa babaleke nesamba semali esingadalulwanga. Enye yezimoto zabasolwa itholwe ishiywe e-Mandeva endaweni yamaphoyisa e-Mpungamhlophe.”

Amaphoyisa awakuyeki ukulwa namaqembu ezigelekeqe. Emasontweni amabili edlule, bavimbe isigameko sokuphanga imali e-Dobsonville, e-Soweto, bathola izimoto ezintathu ezazizosetshenziswa ngesikhathi kuphangwa kanye nezibhamu zohlobo lwe-R5 nama-AK47 amathathu. Abasolwa ababili bashonile ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uColonel Athlenda Mathe, uthe abantu akumele bazithole besohlangothini olungalungile lomthetho ngokuthatha imali esaphazeke phansi emuva kokuphangwa kwemoto noma ukuqhunyiswa kwe-ATM, noma bagxambukele nganoma iyiphi indlela ezigamekweni zobugebengu.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko lapho okuqhunyiswe khona iveni yemali yabanjwa inkunzi. 

Umthombo: X

Izihloko zakamuva