Bafuna usizo kuhulumeni abathunjwa esitimeleni

Kamogelo Olaitan

Abagibeli bezitimela abathunjwa ngoNdasa ngamaphekula esifundazweni sase-Kaduna e-Nigeria basaboshiwe futhi bacela usizo.

Kwividiyo yemizuzu engaphezu kwemithathu ubude abagibeli abayisithupha okuhlanganisa nowesizwe sase-Pakistan bancenga uhulumeni ukuthi ahlangabezane nezimfuno zamaphekula ukuze bakhululwe.

Phakathi kwezimfuno zabathumbi ukuthi uhulumeni akhulule izingane zabo abathi zigcinwe ekhaya lezintandane.

Basabise ngokuthi bazoqala ukubulala abagibeli abavalelwe ezinsukwini eziyisikhombisa uma izimfuno zabo zingaphendulwa.

Umholi wabo u-Abu Barra uveze izizathu zabo zokuthunjwa njengendlela yokuziphindiselela ngokuboshwa kwezingane zabo ngamasosha.

“Izingane zethu ezincane kwezineminyaka eyisikhombisa ubudala kumanje zigcinwe ekhaya lezintandane ngaphansi kwesandla sombutho wezempi wase-Nigeria. Kunoma iziphi izingxoxo eziqhubekayo mayelana nokukhululwa kwalaba bagibeli kanye nokuqalwa kabusha kwesevisi yesitimela ngokuphephile izingane zethu kufanele zidedelwe ngaphandle kwemibandela,” kusho uBarra ekhuluma nentatheli uMalam Tukur Mamu.

“Kulapho-ke sizokhulula ezinye zezisulu ezithunjiwe ikakhulukazi abesifazane kanti abanye abagibeli bazodedelwa endaweni yokushintshisana ngeziboshwa namanye amaqabane ethu aboshwe nguhulumeni.”

Bangaphezu kuka-950 abagibeli abathunjwa ngemuva kokuthi isitimela ebesisuka e-Abuja siya e-Kaduna sibanjwe izigelekeqe ebezihlome ngezibhamu ngomhlaka-28 kuNdasa. 

Abanye babagibeli badutshulwe endaweni yesigameko kanti abanye bathunjwa abebephethe izibhamu kubika i-Premium Times.

Bangaphezu kuka-60 abantu abashonile okuhlanganisa nomholi wentsha yenhlangano ebusayo i-All Progressive Congress u-Amin Mahmoud, udokotela uChinelo Megafu Chinelo kanye noBarrister Musa Lawal-Ozigi, unobhala-jikelele we-Trade Union Congress.

Abantu abangu-26 kumenyezelwe ngokusemthethweni ukuthi badukile kanti abagibeli abangaphezu kuka-150 abakaziwa ukuthi bakuphi.

Sekungokwesine amaphekula ekhipha ividiyo selokhu ahlasela ukuze afakazele ukuthi izisulu zawo zisaphila.

Kuze kube imanje oyedwa kuphela owesilisa nowesifazane okhulelwe asebededelwe selokhu bathunjwa.

Esitatimendeni esikhishwe ngasekuqaleni kwale nyanga uMengameli wase-Nigeria u-Muhammadu Buhari uthe imizamo yokuhlenga idonse isikhathi esingaphezu kwenyanga ngoba amasosha asebenzela ukuhlenga bonke abathunjwa bephila.

UBuhari uthe amaphekula asebenzisa izakhamuzi njengesihlangu somuntu, okwenza kube nzima ukubhekana nawo ngqo.

Izihloko zakamuva