Bafuna umphathi wakwa-Eskom aphendule ngezokulawulwa kombuso 

Lubhalwe nguZukile Majova umhleli wezindaba zepolitiki

Inkinga akuyona u-Eskom kuphela. Ubuholi be-ANC nabo buyathinteka kakhulu ekuweni kwe-Transnet, ngokombiko wekhomishini yokulawulwa kombuso womphathi wamaJaji uRaymond Zondo.

U-Transnet usesikebheni esisodwa no-Eskom – yize umonakalo ungabonakali kakhulu.

Inkampani yezitimela nezamachweba ayikwazanga ukuhlangabezana nesidingo, futhi ikhinyabeza ikhono lemboni yezimayini ekutheni ithumele imikhiqizo yayo ngaphandle kwezindleko zezigidigidi emnothweni.

Ingxenye yesibili yombiko kaZondo icaphuna isahluko nevesi lapho okuthiwa uMengameli we-ANC, oNgqongqoshe kanye nezikhulu eziphezulu bazisiza kanjani izinkampani zakwaGupta ukuthi zigebenge u-Transnet.

IKhomishini yokulawulwa kombuso ikhomba lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, owayenguNgqongqoshe uMnu Malusi Gigaba kanye noLynne Brown ngokubandakanyeka ohlelweni oluhlelekile lokuqolwa kwezigidigidi zamarandi kuhulumeni.

Ubuholi obuphezulu be-ANC okuhlanganisa noSihlalo kazwelonke uGwede Mantashe – indoda ethenjwayo manje ekuholeni izwe enkingeni kagesi – nabo bayathinteka, kusho umbiko.

Kubhekwe kakhulu indlela abakwaGupta okuthiwa bazitapela ngayo isikhwama sika-R300 billion sokuthenga izitimela ngosizo lwesikhulu esiphezulu seqembu uBrian Molefe kanye nesikhulu esiphezulu sezimali u-Anoj Singh.

Akugcini lapho. Umbiko usola ukuthi izikhulu ze-ANC okubalwa kuzo owayengoNgqongqoshe wezobulungiswa uJeff Radebe kanye nowayenguMphathi kwa-SANDF uJenene uSiphiwe Nyanda baphusha ukuthi kuqokwe izincelebane zakwaGupta ezifana noMolefe.

UZondo ukhomba lezi zikhulu ze-ANC “ngohlelo oluhlelekile” olenzelwe ukuvikela “ukulawula kombuso nenkohlakalo ekuthathweni kwezinqumo.”

UZondo uthe: “U-Transnet ube indawo yokuqala yokulawulwa kombuso ngokwezimali.”

Kulolo hlelo kuthiwa abakwaGupta bahamba no-R7.32-billion kwi-China South Rail Corporation kanye nakwi-China North Rail Corporation.

Kodwa-ke, u-Eskom usasengundabamlonyeni.

Kuleli sonto, uNobhala Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula ufuna ukuthi lowo owayeyisikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter aveze ubufakazi bokuthi i-ANC kanye namalungu ayo ahlomula ngenkohlakalo enkampanini kahulumeni.

UDe Ruyter unesonto elilodwa kuphela ukuthi aphendule incwadi evela kubammeli be-ANC.

Kodwa uMbalula ne-ANC sebenobufakazi obuningi bokuthi amalungu aphezulu e-ANC azitapela noma azisiza kanjani izinkampani ezixhumene nabakwaGupta ekutheni ziqole futhi zebe ezinkampanini zikahulumeni.

Isizwe siyakhumbula ukuthi inkampani ye-ANC yokutshala izimali i-Chancellor House yasiza kanjani inkampani yase-Japan, i-Hitachi ekutheni ithole ithenda kabhayela ka-R38 billion eziteshini zikagesi i-Medupi ne-Kusile.

U-Eskom ube nabaphathi abaningi, kodwa akekho noyedwa owenza okuningi ukuvundulula nokubika ngenkohlakalo kwa-Eskom ukwedlula uDe Ruyter.

Ekhathazekile ngokuthi kwakuntshontshwa u-R1 billion kwa-Eskom nyanga zonke, uDe Ruyter wabikela uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan onguNgqongqoshe wamasheya omele uhulumeni kwa-Eskom, kusho umbiko wezindaba.

UDe Ruyter uphinde wabikela uKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uJenene Fannie Masemola ngoxhaxha lwamaqembu asebenza ebhandeni lamalahle eMpumalanga.

Kuthiwa uMasemola ubikelwe ngezikhulu ezimbili eziphezulu ze-ANC ezisebenzisana nalezi zigebengu.

Esithombeni esingenhla: Umdwebo wenkomo

Umthombo wesithombe: Tinus Horn

Izihloko zakamuva