Bafuna umhlaba wokhokho babo eSimangaliso abakwaMfekayi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isizwe sakwaMfekayi eMtubatuba sisola abeSimangaliso Wetland Park ngokubaqhatha namadlozi ngokufaka izilwane zasendle lapho okunamathuna okhokho babo.

Baphinde basole Isimangaliso Wetland Park e-St Lucia ngokweba umhlaba wabo abathi kwenzeka ngo-1999 ngemuva kokuba babephumelele esicelweni sokuba ubuyiswe ngo-1996.

Lokhu kuvele encwadini lesi sizwe esiyithumele ngoMsombuluko kwabaseSimangaliso Wetland Park bethi bafuna ukuba izikhalo zabo ziphendulwe ngendlela ngoba uma kungenjalo bazovala ukusebenza kweSimangaliso ngenkantolo.

Kule ncwadi ethunyelwe uMnuz Phumlani Mfeka weNjeje yabeNguni bakhala nangokuthi kwathi ngo-1939 abeSimangaliso okwabe kuyi-St Lucia Wetland Park ngaleso sikhathi benza isivumelwano noHulumeni ukuthi umhlaba abazowubiyela kuzoba ongamakhilomitha amabili kodwa bathi Isimangaliso sesiwudle wonke lo mhlaba ukugudla ku-N2.

“Okunye basijwayeza nezifikanamthwalo zakwaTembe okungamaThonga sebenza sengathi lo mhlaba owabo ekubeni kungowoMfekayi. Sikhuluma nje uma kungathiwa bebekhokha imali engu-R500 000 ngenyanga ngalo mhlaba abawuthatha ngo-1999, ngabe kumanje basikweleta imali engu-R150 million. 

“Sithi abazilungise lezi zikhalo nodaba lwamathuna obaba mkhulu ngoba kumanje sinamabhadi ngenxa yokuthukuthela kwemimoya yabo ngokugitshelwa kwamathuna abo izilwane zasendle,” kusho uMfeka.

AbakwaMfekayi baphethe umhlaba wabo eSimangaliso nge-Westernshore Community Trust. 

Bathi bafuna iqedwe le nto yokuthi uma beyothetha idlozi emathuneni oyisemkhulu bakhokhiswe njengezivakashi.

Okhulumela Isimangaliso Wetland Park uMnuz Bheki Manzini ukuchithile ukuthi kukhona umhlaba abaweba wathi akukho ngisho amarekhodi athinta izinsolo ezishiwoyo.

Ukuphiikile ukuthi abakwaTembe bagitshezwa emakhanda abakwaMfekayi.

“Okokuqala umhlaba lona esisebenza kuwo sibambisene nama-Trust asemikhamdlwini yamakhosi ehlukene. Wonke lama-Trust anesivumelwano sokusebenza nathi athola umhlomulo wamaphesenti ayisishiyagalombili wenzuzo,” kusho uManzini.

Uqhube wathi ingu-12 imikhandlu yamakhosi abasebenza nayo.

Eyibala uthe owakwaSokhulu, Mpukunyoni, Makhasa, Emdletsheni, Nibela, Mnqobokazi, Jobe, Nsinde, Ngwenya, Mabaso, Mbila, nowakwaTembe.

Uveze nokuthi zingu-14 izicelo ngomhlaba waseSimangaliso.

Uthe izicelo eziyisishiyagalolunye seziqediwe kanti ezinhlanu zazo basebenza baphezu kwazo, besekuthi ezine azikaphothulwa kodwa i-Land Commision imatasa nazo.

Izihloko zakamuva