Bafuna umgwaqo uqanjwe ngengqalabutho yomculi 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Uyakhula umfutho omusha wokuthi umgwaqo waseMnambithi uqanjwe ngengqalabutho yesicathamiya engasekho neyawina indondo yama-Grammy amahlandla amahlanu uJoseph Shabalala.

Ohamba phambili kulo mkhankaso uDkt Sipho Sithole oyilungu lebhodi le-National Arts Council. Utshele izethameli eMnambithi ngoLwesihlanu ukuthi ukwazile ukushintsha igama le-Pomeroy laba uSolomon Linda. I-Pomeroy iyidolobha elincane eMsinga KwaZulu-Natal.

Ukushintshwa kwegama ledolobha lase-Pomeroy kwafakwa kwigazethi ngoNcwaba. “Kwaqondana nokugubha iminyaka engu-60 kaLinda owayeyingqalabutho yesicathamiya futhi engumqambi wezingoma,” esho.

USithole ubethula inkulumo yosuku embuthanweni obuseMnambithi ngaphambi komqhudelwano wezokusubatha obungoMgqibelo wokuhlonipha uShabalala.

Izikhulumi ebezilandela uSithole bezishintshana ngokugqugquzela ukuthi u-Murchison Street uqanjwe ngomsunguli weqembu lomculo i-Ladysmith Black Mambazo.

USithole ongumnikazi we-Native Rhythm Records wengeze wathi: “Le nto yokuqanjwa kwemigwaqo ngosopolitiki kumele iqedwe.

“Abantu abafana noJoseph Shabalala babamba iqhaza elikhulu ekubekeni elakuleli ebalazweni lomhlaba ngomculo wesintu. Akekho owayecabanga ukuthi umculo wesicathamiya uzobungazwa emhlabeni jikelele njengoba kwenzeka manje.”

UThulani Shabalala, oyizibulo lamadodana kaJoseph uthe, “Kuzoba inhlonipho kubaba wethu kanye nefa lakhe ukuthi umgwaqo uqanjwe ngaye.”

Iqembu lesicathamiya libambisene nomasipala wendawo, libambe umqhudelwano ka-21 km ngoMgqibelo ohehe abasubathi abahamba phambili. Leli qembu libe selivala isonto ngekhonsathi yomculo e-Indoor Sports Centre lapho obekunandisa khona abaculi be-Afropop, abesicathamiya kanye nabakamaskandi.

Esithombeni esingenhla: UJoseph Shabalala

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva