Bafuna ubulungiswa ngowesifazane owabulawa 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umdwebo osodongeni lwangaphambili lomuzi wakaPhelokazi Mqathanya uyisikhumbuzo sokumhlonipha nokumkhumbula, kodwa uyisikhumbuzo ikakhulukazi ezinkingeni umphakathi obhekene nazo. 

Lo mdwebo odwetshwe inhlangano ye-Free Gender oveza ubuso bukaPhelokazi uyisikhumbuzo sokuthi umbulali wakhe kungenzeka ukuthi usekhona.

UPhelokazi waseKhayelitsha eKapa obengowesifazane othandana nobulili obufana nobakhe, ​​wagwazwa washona mhla zimbili kuNhlaba ngo-2021 kanti kusolakala ukuthi wabulawa ngowesilisa ngemuva kokuba ezame ukumshela.

Uhlelo lwezobulungiswa kuleli lwengeze usawoti esilondeni emndenini, abangani nabanye ngokuhlehliswa kaningi kwecala, okubashiye bezabalaza ukuthola ukuthula.

Udadewabo kaPhelokazi, uNozuko Ndlwana ukhulume ngokuphoxeka komndeni ngohlelo lwezomthetho.

“Mhlawumbe umbulali wakhe angase akhululwe kodwa siyethemba ukuthi ngelinye ilanga liyovela iqiniso ukuze umbulali ezohlawulela izono zakhe,” kusho uNozuko.

“Ukuhlehliswa kwecala likaPhelokazi izikhathi ezingaphezu kwezingu-15 kuyisibonelo sokwehluleka kohlelo lwezobulungiswa ukukuthathela phezulu ukubulawa kowesifazane othandana nobulili obufana nobakhe.”

Isishoshovu somphakathi esiphinde sibe ngumsunguli we-Free Gender, uFuneka Soldaat sihambe emazwini kaNdlwana sathi ukuhluleka kombuso kunomthelela osikweni lokukhululeka ekujezisweni kwezigilamkhuba.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority, u-Eric Ntabazalila uchaze ukuthi ukuhlehliswa kwamacala amaningi kwakungenxa yokuthi abasolwa bebefuna ukwenza izethulo kwi-NPA ukuze kuhoxise lolu daba.

“Izethulo zinqatshiwe umbuso wacela ukuthi kuhlehliswe amacala ukuze kutholakale ofakazi abangaba khona,” kusho uNtabazalila.

 Uthe bebengekho ofakazi abazibonele ngawabo lesi sigameko kanti inkantolo ithole ukuthi ubufakazi obuyizingqinamba obethulwe mbuso abenele. 

Umdwebo odongeni wokuhlonipha uPhelokazi Mqathanya uwubufakazi obunamandla bokuhlangana komphakathi uma ubhekene nodlame.

Osesithombeni esingenhla: UNozuko Ndlwana, emi eduze komdwebo kaPhelokazi odwetshwe i-Free Okuyinhlangano emela ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva