Bafuna ubulungiswa ngokubulawa kobefundisa emasangweni eNyuvesi 

Lubhalwe nguLungi Langa

Umndeni kaXolani Ngema odutshulwe wabulawa ngesikhathi ekhuluma nabafundi baseNyuvesi KwaZulu-Natal uthi ababulali baphinde bashabalalisa amaphupho abafundi bakhe. 

UXolani “Strike” Ngema (32) ubulawe ngoLwesibili ekuseni ngaphandle kwamasango eNyuvesi yezobuchwephesheyaseMangosuthu, kanti ubengumsunguli we-Promised Hope Academy okuwuhlelo lokuthuthukisa umatikuletsheni. 

Owayengumgqugquzeli wegatsha le-South African Students’ Congress (Sasco) e-KZN udutshulwe amahlandla angu-26 ngabesilisa abangaziwa abebehlomile ngaphandle kweNyuvesi ematasa yaseMlazi.

Umfowabo uMnu Vusumuzi Ngema (39) uthe uthole ucingo ngo-12 lumtshela ukuthi akaphuthume endaweni yesigameko.

“Abesilisa ababili baphume emotweni emhlophe basondela edeskini abebekwe kulo nozakwabo. Batshele uzakwabo ukuthi angakhathazeki ngoba bayazi ukuthi bafuna bani. Babe sebemdubula bephindelela.

“Umbiko wabahloli uthe udutshulwe amahlandla angu-26. Bebefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uthulela khona lapho,” kusho uVusumuzi.

Uthe bakholwa ukuthi lokhu kuhlobene nomncintiswano emkhakheni wokuthuthukisa umatikuletsheni. UNgema uthe abanye abantu bebengajabulile ukuthi ibhizinisi likamfowabo liyaphumelela ngemuva kokuthi eqale uhlelo lwakhe ngonyaka odlule.

UVusumuzi uthe banethemba lokuthi amaphoyisa azobathola maduze abathintekayo futhi ubulungiswa buzobakhona.

Umfowabo ubeyingxenye yezinye izinhlelo esiza abafundi kusukela aphothula izifundo zakhe eNyuvesi, kodwa wabe esenquma ukuzisungulela eyakhe inkampani.

UVusumuzi uthe ukubulawa kwakhe akuzange kuthinte umndeni kuphela, kodwa kuzophazamisa amaphupho abenawo ngabafundi bakhe.

“Bashabalalise ngempela iphupho ebelibonakala. Ubengumuntu ohlezi ecabanga izintu ezinhle futhi ubenentshisekelo yokusiza abafundi bakhe ukuthi bafinyelele ezingeni eliphezulu njengoba ebehlezi ekhuluma ngendlela afuna ukubabona ngayo befunda emaNyuvesi angaphandle kwesifundazwe.

Ngeke esaba khona ukuze abone lokho.”

I-Sasco e-KZN idlulise ukushaqeka kwayo ngokubulawa kwakhe abakuthole ezinkundleni zokuxhumana yathi kumele kwenzeke ubulungiswa. Le nhlangano icele ukuthi umndeni unikwe isikhathi sokuzila.

UMnuz Phohloza Zungu, onguSihlalo weSinothando Real Future Organisation uphinde wagcizelela ukuthi umthetho uthathe indawo yawo njengoba ethi ukubulawa kukaXolani kuphuce abafundi umholi obezinikele kubo.

Okhulumela amaphoyisa e-KZN, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokubulala kulandela isigameko.

Esithombeni esingenhla: UXolani “Strike” Ngema obulawe ekhuluma nabafundi ngaphandle eNyuvesi yaseMangosuthi yezobuchwepheshe 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva