Bafuna kwenziwe ubulungiswa ngabadlali abashaya abanye

Menzi Magubane

Minyaka yonke, siyaqhubeka nokubona abadlali bebhola beboshwa futhi bebekwa amacala okushaya abalingani babo. 

Kodwa emasontweni ambalwa, bayaphuma babuyele komabonakude bethu bedlalela amaqembu abo futhi. 

Kunemibiko eminingi lapho bededelwa ngamabheyili kulandele ngokuthi amacala abo ahoxiswe ngaphandle kokushushiswa 

Abadlali abasolwayo bayazi ukuthi bazophunyuka nje kalula. Kungani laba badlali bephunyuka kalula? Ngisho namaqembu abo awakuthatheli phezulu njengoba bemiswa izinsuku ezimbalwa bese bebuyela emdlalweni futhi.

Akukwazi ukuqhubeka kanje! Abanamandla abathi bathatha lolu daba ngokukhulu ukucophelela sekuyisikhathi sokuthi bayeke ukukhuluma bakhombise ngezenzo.

Icala lakamuva lokushaya elivulelwe umdlali we-Orlando Pirates uNkanyiso Zungu likhombisa ukuthi iziphathimandla kumele zithathe ezinye izinyathelo.

UZungu uboshiwe ngeSonto ngokuhlasela umlingani wakhe, wathathwa wayiswa esiteshini samaphoyisa e-Moffatview. Kodwa amacala abebekwe wona ahoxisiwe ngoLwesibili. 

NgoZibandlela ngonyaka ka-2021, umdlali we-Mamelodi Sundowns uMothobi Mvala naye waboshelwa icala elifuze leli ePitoli.

NgoMasingana ngonyaka odlule umdlali we-Pirates uBen Motshwari waboshelwa ukushaya umlingani wakhe.

NgoMandulo ngonyaka ka-2020 omunye umdlali wamaBhakabhaka uJustin Shonga, waboshelwa ukushaya umama wengane yakhe e-Midrand. Uzakwabo uThembinkosi Lorch waboshelwa icala lokushaya intombi yakhe ngoNcwaba wonyaka ka-2020.

Akekho noyedwa umdlali obekwe amacala osabhadle ejele noma obhekane nemiphumela enzima. 

Ukujeziswa okokudwa abakwaziyo ukumiswa emaqenjini abo kuphela.

Laba badlali akusibo abokuqala ukwenza lezi zenzo futhi angeke kugcine ngabo. 

Kudingeka uhulumeni angenelele ngokwenza imikhankaso ekhuluma ngalokhu okwenzekayo ngqo. 

Kudingeka ukuthi kube nokungenelela kukahulumeni okukhulu ngemikhankaso ethile eqondiswe kubo ngqo.

Kwazi bani ukuthi bangaki abantu besifazane abahlupheka bethule ngenxa yalaba badlali abahlukumezayo?

Kuphakathi kokuthi abadlali bayafundiswa mayelana ne-GBV bayiqonde kahle noma bavalelwe bese okhiye balahlwe kude.

Umthombo wesithombe : @eNCA

Scrolla World Cup Quiz