Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ibhixene eNdlunkulu kaZulu ngokuxoshwa okungacaci kweShansela le Silo njengoba abakwaZondi kuthiwa sebefuna kuxoshwe uNdunankulu kaZulu esihlalweni.
Lokhu kulandela impicabadala yencwadi yokuxosha Inkosi uMalusi Zondi njengoShansela nekhishwe uNdunakulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi nokuthe kusenjalo uZondi wayichitha.
UZondi uchithe le ncwadi ngemumva kwehora iphumile,wathi usekhulume neNgonyama ocingweni yaphika yalala ngomhlane yathi ayazi ukuthi uButhelezi uyithathephi ngoba asikaze sikhiphe incwadi yokumxosha.
Kuthe kusenjalo uMkhulumeli waso iSilo okunguMntwana uThulani waseZibindini wazwakala kubaSiki Bebunda oKhozini Fm ethi iNgonyama imxoshile uMnuz uZondi.
Ngesikhathi esho kanje ubekugcizelela ukuthi uMnumzane engasamubizi nangokuthi iNkosi.
Kuthe kusenjalo kwasabalala inkulumo yeNgonyama eqoshiwe ebiphika ukuxoshwa kukaZondi.
“Hhayi angiyazi mina leyo ncwadi . Wenzani manje uThulas ? Uyabona lento yakhe yokuthi uhlala nezincwadi bese ethi zibhalwe yimi,angazi uyithathaphi ngoba futhi angikaze ngisayine ncwadi mina,,” kusho iNgonyama enkulumeni eqoshiwe yocingo.
Lesi sidididi esenzeka eNdlunkulu sibange ukudideka nemibuzo eminingi kwabaseNdlunkulu njengoba besale bedangele bengazi ukuthi ikuphike manje osekuyiqiniso.
Kwenzeka lokhu nje kuthiwa abakwaZondi sebefunge bagomela ukuthi bazomxoshisa esihlalweni sobuNdunankulu uButhelezi.
Bathi wabuyiswa nguye uZondi kodwa usephenduke.inyoka efike yazomshaya ikhanda.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi kuxoshwa Usihlalo webhodi le Ngonyama Trust, Inkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela kwabanokuvungama eNdlunkulu ngoba iSilo sasiphika ukuthi yiso esisayine incwadi yokumxosha.
Kodwa kwadlula isikhashana wagudluzwa esikhundleni kwangena yona Ingonyama.
