Bafuna kuqanjwe isiShayamthetho ngeNdlovukazi uMthaniya

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ActionSA KwaZulu-Natal ikhala ngokuzitshwa komlando weNdlovukazi uMthaniya nowavusa ubukhosi bukaZulu ngokuthi azinikele ukuzozalela iNkosi uJama kaNdaba indlalifa okwabe kunguSenzangakhona kaJama.

USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe kuyabakhathaza beyiqembu ukuthi umlando weNdlovukazi uMthaniya unyathelwa ngezinyawo ngale ndlela yokuthi akukho ngisho isakhiwo esiqanjwe ngaye.

UMncwango uthe beyiqembu baphakamisa ukuthi isakhiwo sesiShayamthetho saKwaZulu-Natal asiqanjwe ngayo iNdlovukazi.

UMthaniya esaseyintombi yakwaSibiya wafika kwaZulu sekuvalwe amehlo njengoba iNkosi uJama yayingenayo ingane yomfana okwakuzofanele ithathe ubukhosi uma ekhothama.

Kuthiwa wayengenaso isithembu nokwenza ukuthi uma kushona uNdlunkulu wakhe owayezele amantombazane kuphela nokwabe kunguMkabayi kaJama n itewele lakhe uMame, kwaba nokukhathazeka ukuthi iNkosi uJama kuzokwenzalalani ima ikhothama.

Indodakazi yeNkosi uJama okwakunguMkabayi kuthiwa yavele yahamba ingambikelanga uyise yayomshelela uMthaniya isho nokuthi icela azalele uyise indodana ezothatha isihlalo.

UMthaniya wavuma kwabe sekuba ukuqoma kwakhe iNkosi uJama kwazalwa iNkosi uSenzangakhona kwasekuba ukuvuka kobukhosi bukaZulu nokwalandela ukuzalwa komzukulu uShaka KaSenzangakhona. 

“INdlovukazi uMthaniya wayehlakaniphile futhi waze waba yibamba lobukhosi kodwa akekho nje okhulume ngaye . Uze ubone ukuthi iqhaza lakhe lawuvusa uZulu , nasi isifundazwe iKZN uzwa abantu bethi kukweleNdlovukazi uMthaniya. Ngakho siyi-ActionSA sinxusa ukuba uhulumeni wesifundazwe ahloniphe leli qhawekazi aqambe noma isakhiwo saseSishayamthetho ngalo. Ngisho umasipala uma kungabakhona ongabizwa ngaye kungaba kuhle kakhulu,” kusho uMncwango.

Uqhube wathi kuyishwa ukuthi indodana yeNdlovukazi uMthaniya okuyiNkosi uSenzangakhona kaJama kanye nomzukulu wakhe okuyiLembe sekunezakhiwo ezinkulu eziqanjwe ngabo kodwa yena kuthulekile.

Uthe lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi lo mkhuba wokunyathelwa komlando wabesifazane uyaqhubeka ngisho nakwezepolitiki ukuze kuqhakanjiswe abesilisa.

Izihloko zakamuva