Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Imisebenzi eminingi isengcupheni e-Eastern Cape njengoba izitimela ezihamba phakathi kwe-Gqeberha ne-Kariega zingasebenzi.
Ikomiti lePhalamende lezokuThutha lithole izikhalo neziphakamiso ngesikhathi libambe izigcawu zokulalelwa kwezikhalazo zomphakathi e-Gqeberha ngesonto eledlule.
Isihloko bekuyi-Railway Safety Bill ehlongozwayo. Izakhamizi zaseNelson Mandela Bay zidalule ukucekelwa phansi kwemizila yezitimela kanye nokushoda kwezokuohepha nokuqinisekisa ukuthi kukhona onogada kojantshi kanye nasemarobhothni lapho okunesidingo khona ukuze kuvikelwe abahamba ngezinyawo, izilwane kanye nabashayeli bezimoto.
Kodwa izakhamizi zaseNelson Mandela Bay ebezize ezingxoxweni ehholo e-Nangoza Jebe elokishini lase-New Brighton zibe nezinkinga ezengeziwe.
I-Eastern Cape ibilokhu ingenazo izitimela kusukela ngoNcwaba nyakenye. Ukumiswa kwezitimela kufake izakhamizi zaseNelson Mandela Bay ezindlekweni ezinkulu.
Izakhamizi zinxuse ikomiti elibhekelele ukusebenza kwezitimela ukuthi lisheshise ukusebenza kwe-Railway Safety Bill ngoba lokhu kuzonciphisa umthwalo onzima wezindleko zokuthutha kubagibeli abahlwempu kakhulu edolobheni.
UGogo Nowelile Bam ongumsebenzi wasendlini ohlala e-Kariega kodwa osebenza e-Gqeberha utshele ikomiti ukuthi ubecabanga ukuyeka umsebenzi wakhe ngenxa yezindleko zokuya emsebenzini.
“Bengicabanga ukuthi lo Zibandlela odlule kuzoba ngowokugcina ngisebenza ngoba ngisebenzela imali yokugibela. Ngisebenzisa imali eyengeziwe uma ngiya emsebenzini futhi ngisala nemali encane yokuthenga ukudla nezinye izinto.
“Kodwa ngenxa yesimo sasekhaya angikwazi ukuyeka.”
UBam uhlala nabazukulu bakhe abayisithupha; abathathu kulaba izingane zendodakazi yakhe engasekho kanti abanye abathathu ngabendodana yakhe. Ngokukagogo indodana yakhe ayikaze isebenze kusukela ngaphambi kobhubhane lwe-Covid-19 futhi manje iphuza utshwala nsuku zonke.
Ukusuka e-Gqeberha uya e-Kariega ngesitimela kubiza u-R9, kodwa itekisi libiza u-R27. Uthe ngenxa yokuthi umqashi wakhe umdedela kusenesikhathi uyakwazi ukuhamba ngezinyawo esuka edolobheni eya emzini wakhe oselokishini laKwalanga e-Kariega.
Khonamanjalo, uMama uNancy obejwayele ukudayisa ama-chips nogwayi esitimeleni uthe unethemba lokuthi njengoba iPhalamende livakashele edolobheni isinqumo sokuvala abadayisi ezitimeleni sizohoxiswa.
“Ngangijwayele ukudayisa ama-chips, amaswidi kanye nogwayi esitimeleni uma ngiya noma ngibuya emsebenzini, kanti lokho bekungisiza ukuthi ngikwazi ukonga izindleko zokuhamba. Ngifisa sengathi bengahlehlisa isinqumo sokuvala ukuhweba ezitimeleni uma seziqala kabusha ukuhamba.”
Phakathi kwezikhalo zezakhamizi kubalwa nenkinga yokuthi izitimela zibakhipha inyumbazane abaphila nokukhubazeka. Baphinde bacela ukuthi kwandiswe imizila yezitimela kwezinye izingxenye zedolobha okuhlanganisa i-Coega ne-Kariega.
Kuphinde kwaba nengxoxo emayelana nokusetshenziswa kwezakhiwo ezingasasetshenziswa ezingaphansi kwe-Transnet; izakhamizi zibona sengathi kufanele ziguqulwe zibe izindlu zomphakathi.
USihlalo wekomiti uLisa Mangcu ubonge iziphakamiso ezenziwe ngababambe iqhaza wabe esebaqinisekisa ukuthi zizobhekwa uma sewudingida lo mthethosivivinywa.
“Lolu hlelo lusinikeza ithuba lokuzizwela mathupha ukuthi le mithetho ingase inithinte kanjani. Amagalelo afakwe lapha e-Gqeberha azosinika amandla okuthatha izinqumo eziphusile kanye nokuqinisekisa ukuthi lo mthethosivivinywa uhlangabezana nezidingo zomphakathi,” esho.
Esithombeni esigenhla: Isiteshi sesitimela i-De Mist e-Kariega
Umthombo wesithombe: I-Kefir Life
(Facebook)