Bafuna izimpendulo abasebenzi okumiswe izikhulu zabo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Abasebenzi bakaMasipala ophikweni lwezamandla nogesi eNelson Mandela Bay babeke amathuluzi phansi ngoLwesihlanu befuna ukwazi ukuthi kungani izikhulu eziyisikhombisa zimisiwe ekuqaleni kwesonto.

Ukumiswa kwalezi zikhulu zikaMasipala kulandela uphenyo olwenziwa uMnyango ocwaninga amabhuku wangaphakathi kuleli dolobha mayelana nezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo ngenxa yokuqhuma kwesiteshi esincane sikagesi e-Gqeberha, i-Coega Industrial Development Zone ekuqaleni kukaNdasa.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu, ubuholi bezepolitiki kuMasipala busole inkohlakalo baqala uphenyo olugcwele ngembangela yokuqhuma kukagesi ngokushesha. 

Lokhu kuqhuma kushiye izingxenye eziningi zedolobha zingenagesi, okuhlanganisa nelokishi elikhulu lase-Gqeberha i-Motherwell kanye nezinye izindawo ezingu-15 ezibambe iqhaza elikhulu emnothweni wedolobha endaweni yezimboni.

NgoLwesihlanu, inqwaba yabasebenzi ichithe usuku lonke izulazula edepho kaMasipala i-Harrower Street. Amaphoyisa abephansi phezulu ukuze agcine ukuthula.

Umphathi weNehawu, u-Ayanda Solani uthe phakathi kwabamisiwe abayisikhombisa kukhona abangaphansi kwe-Nehawu nabakade bngaphansi kwethu kanti abathathu kubo bekungabaphathi abaphezulu eMnyangweni kagesi kuMasipala.

“Sibone ubuholi bethu bumiswa okwesikhashana ngezinsolo zokungathembeki nokusebenzisa budedengu izinqubo zikaMasipala, kodwa iMeya yasho okwehlukile ku-Facebook ukuthi empeleni konke lokhu kuhlangene ne-Coega IDZ, esingayazi.”

USolani uthe badinga izimpendulo kumphathi wedolobha uNoxolo Nqwazi ngemuva kwezinsolo zokuthi weqe uMqondisi Omkhulu woMnyango, uLuvuyo Magalela wanquma neMeya uRetief Odendaal ukumisa laba abayisikhombisa.

“Sishaqekile ukubona incwadi kamphathi okuMasipala wethu ekhuluma ngokumiswa emsebenzini ngoba sazi ukuthi uLuvuyo Magalela (umqondisi omkhulu ophikweni lwezinkampani) unegunya lokuthatha lezi zinqumo, hhayi osopolitiki u-Odendaal noNqwazi.

“Ngakho-ke, sinqume ukuthi ngeke sisebenze ngaphambi kokuthi kufike ozosichazela ukuthi kwenzekani.”

Umphathi wezamandla nogesi, uLance Grootboom ithe izinyathelo zangaphakathi zathathwa ngokuhambisana nomthetho, ngezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo ngaphakathi kuMasipala.

“Sithathe izinyathelo zangaphakathi ngesikhathi kunezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo njengokuyalela komthetho.”

“Abasebenzi kumele babe semsebenzini futhi bangabuzi imibuzo ngabantu abamisiwe bangabuzi nemibuzo kuMagalela ngoba yena akahlanganise lutho nakho konke lokhu.”

Khonamanjalo, ihhovisi leMeya yase-NMMB likhiphe isexwayiso mayelana nokuphazamiseka okungenzeka, noma ukubambezeleka kokubuya kukagesi ngemuva kokucisha kwawo.

Uqhube wathi lokhu kudalwe ukuthi abanye abasebenzi boMnyango kagesi namandla bavimbe abasebenzi ukuthi baqhubeke nomsebenzi.

“Abanye abasebenzi bakhungathekisa izakhamuzi futhi bazama ukwesabisa noma ukuvimbela ozakwabo ekwenzeni umsebenzi wabo. Umphathi wedolobha ukhiphe isaziso sokuthi labo abaqhubeka nalo mkhuba bazobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe.”

Esitatimendeni sangoMgqibelo, iMeya ithe isimo sokusebenza sesibuyele kwesejwayelekile kuMnyango.

Isithombe esingenhla: Izikhulu ze-Nelson Mandela Bay kuMnyango wezamandla nogesi  zilungisa udaba lokucishwa kukagesi.

Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva