Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abekomiti lezokuBuyiswa koMhlaba ePhalamende bafuna kuyoxoliswa ngenkomo eSilweni samaZulu ngemuva kwesenzo sokusidelela ngokuthi uSomlomo uNkk Thoko Didiza avimbe umhlangano neNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ngomzuzu wokugcina.
Kuthiwa uNkk Didiza ukhiphe umyalelo wokuba lo mhlangano obuzoba kuleli sonto uhoxe kuze kube kubuya uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa noNgongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uMnuz Mzwanele Nyhontso.
Kuthiwa uSihlalo wekomiti uMnuz Albert Mncwango uthe akunaso neze isithunzi okwenziwe ukuba bavinjwe ngomzuzu wokugcina ekutheni bayokotha iSilo ukuze kubhungwe kabanzi ngezinkinga ezikhungethe ibhodi le Ngonyama Trust.
“Kuyomele nikwazi ukuthi njengoba sekuthathwe isinqumo esinje, kumele kuyoxoliswa ngenkomo eSilweni,” kusho Mncwango.
Abaholi be-DA noMkhonto weSizwe Party kuleli komiti okunguMnuz Andile Mgxitama noMnuz Bonginkosi Madikizela bathe kungukwedelela iSilo lokhu okwenziwe ngoba bebezimisele ukuyobonana naso ukuze kuzwakale ukungenami kwaso ngebhodi le Ngonyama Trust.
ISilo kuthiwa naso siyaveva ngoba sihambe sayeSwatini sasheshe sabuya ngoba sijahe lo mhlangano ngoLwesithathu kodwa esesizwa kuthiwa usuhoxisiwe kuze kuba kuvulwa iPhalamende.
ISilo aseneme ngeNgonyama Trust njengoba simise amanye amalungu ebhodi kwathi iNkosi uMabhudu Tembe yazesulela yona ngoba yeseka iSilo.
ISilo sifuna kucace nokuthi wadayiswa kanjani umhlaba kaZulu waseMhlali okuthiwa wadayiswa amalungu ebhodi ngemali ebalelwa ku-R21 million.