Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Izingxabano zokubanga umhlaba nodlame oluhlobene namatekisi kutholwe ukuthi kuyimbangela yokwanda kwezigameko zokubulawa kwabaholi bomdabu KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo uNdunankulu wase-KZN, uNkk Nomusa Dube-Ncube obekhuluma ngezizathu zokubulawa kwabantu kwisishayamthetho sesifundazwe ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wekomidi lakhe ngoLwesihlanu.
Uphinde waveza ukuthi amaphoyisa asaphenya amacala angu-51 abaholi bendabuko asebebulewe kusukela ngo-2012.
“Phakathi kwezizathu ezingase ziholele ekubulaweni kwabaholi bendabuko kube umbango wobukhosi, izingxabano zokubanga umhlaba, izingxabano zemindeni kanye nezingxabano ezithinta amatekisi,” etshela ikomidi.
“Emhlanganweni nokhomishana wesifundazwe uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, kuvele ukuthi amaphoyisa aphenya amacala angu-51 kanti babalelwa ku-30 asebeboshiwe kusukela ngo-2022 kanti angu-18 amacala aqhubeka eziNkantolo.”
UNkk Dube-Ncube utshele ikomidi elibhekele ukusebenza kwamaphoyisa ukuthi ucele uKhomishana wamaphoyisa ukuthi asungule uphiko lwezokuPhepha lwabaholi beNdabuko oluzobhekana ngqo nalesi sihlava.
Uthe lolu phiko luzohlola ezokuphepha emakhosini nasezinduneni bese lwenza kube lula ukutshalwa kwezimali kanye nophenyo.
Ngenyanga edlule abaholi bomdabu abane bahlaselwe ezindaweni ezahlukene. Kusinde oyedwa kuphela ngemuva kokuphunyuka kulaba ababezama ukumhlasela, kodwa amalungu omndeni wakhe amabili abulawa.
ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwabantu okudlange kakhulu kumakhosi.
Ngesikhathi kuvulwa isiShayamthetho sase-KZN, iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini uthe ufuna ingqungquthela ezohlanganisa uMengameli Cyril Ramaphosa, uhulumeni kazwelonke neziphathimandla zamaphoyisa ukuze kuqhanyukwe nohlelo olucacile lokubhekana nalesi simo esibucayi.
Muva nje abanye abaholi bendabuko bakhale ngokuthi ukuphepha kwabo kubukeka sengathi akubalulekile kwiziphathimandla uma kuqhathaniswa nokuphepha kosopolitiki.
UNkk Dube-Ncube uthe ngeke bavume ukuthi isifundazwe sase-KZN sibe isidleke sezinkabi.
Isithombe esingenhla: UNdunankulu wase-KZN uNomusa Dube-Ncube, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uBongi Sithole Moloi neSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini
Umthombo wesithombe: Ihhovisi likaNdunankulu