Lubhalwe nguChris Gilili
Igama elithi-Itereleng lisho ukuthi zenzele wena okuyilokho abafana abancane abahlangana ngakho ntambama enkundleni yebhola ewubhuqu.
Nsuku zonke ngaphambi kokuthi kushone ilanga abafana beKota Sports Academy, abaneminyaka emihlanu kuya kwengu-19 bayabuthana ukuze bazilolonge njengoba abanye babo benamaphupho okudlalela iBafana Bafana ngelinye ilanga.
Akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokuzenzela bona.
Uhulumeni ubekushaya indiva ukuthuthukiswa kwezemidlalo ezindaweni zasemakhaya ezihlwempu njengendawo yase-Itireleng eseduze ne-Hebron esifundazweni sase-North West.
IKota Sports Academy yasungulwa e-Itireleng ekuqaleni kuka-2019 isungulwa u-Oreutlwile Mokonyane oneminyaka engu-23 ubudala.
Wayezifela ngezemidlalo kusukela esemncane, kwathi ngemuva kokuthi aphume esikoleni wajoyina i-Balfour Alexandra Academy eGoli. Kodwa ukudlala kwakhe kwasheshe kwanqamuka ngenxa yokulimala.
Ngesikhathi ebuyela e-Itireleng waqala ukuqeqesha iqembu labafana nabangane bakhe okunguNxobile Ratau (24), uMicheal Mogano (24) noSimnikiwe Belu (27).
“Lokhu sikuqale ngebhola elilodwa namakhona amane. Futhi lokho ikhona esasikwazi ukuqala ngakho, njengoba besingenakho okuningi,” kusho uMokonyane etshela i-Scrolla.Africa.
Banabadlali abangu-65 ezincwadini zabo, kodwa akulula neze. UMokonyane uthi i-academy intula izinsiza futhi uvamise ukubhekana nobunzima bokuziphatha kwabadlali abancane.
“Kwesinye isikhathi abanye abafana bavele bangafiki ukuzoqeqesha mhlawumbe kwesinye isikhathi benezinkinga zasemakhaya.
Sihlale singenelela sixazulula izinkinga ababhekana nazo.
Le ndawo iyikhaya lemindeni engaphezu kuka-2,000 futhi ayinakiwe nemigwaqo iwubhuqu okwenza kungahambeki kahle.
Muva nje i-Itireleng ihlaselwe inkinga enkulu yokunqamuka kwamanzi ngenxa yokuthi uMasipala wendawo ubungazikhokhi izikweletu.
“Sidinga nosizo lwezimali ngoba asinawo amabhola aqinile kanye nemishini yokuzilolonga efanele,” kusho uMokonyane.
“Inhloso yethu ukungena emaqenjini amakhulu siphinde siqhudelane. Okubaluleke kakhulu ukuthu sifuna ukuthuthukisa laba bafana sibanikeze amathuba angcono kwezemidlalo nakwezinye izindawo zempilo.”
Omunye wabadlali bakulesi sikhungo uBanathi Msezana (15) uthe selokhu aqala ukufunda ubeyingxenye yalesi sikhungo.
“Ngijoyine ngoba ngithanda ibhola. Ngiyazi ukuthi ibhola linganginika amathuba amaningi.”
Likhona ithemba ngeqembu le-Itireleng futhi lizodlala ku-Ga-Rankuwa Local Football Association League kusukela ngenyanga ezayo.
Isithombe esingenhla: Abafana abaqeqeshwayo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe