Badubule babulala indodana yami kanye nabanye abakade bezobungaza nathi

Everson Luhanga

Uma bekhumbula umshado wabo bayohlezi bekhumbula ukufa nokuchitheka kwegazi.

Umkhwenyana uPrince Maliaga ulahlekelwe indodana yakhe, uPhilani Dlamini, kanye nezinye izivakashi kulesi sehlakalo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uPrince uthe: “Usuku lwami lomshado, kodwa futhi usuku lapho kufike khona imigulukudu ebihlomile yacekela phansi injabulo yethu.”

Indodakazi kaPrince, uThato Selote uchaze okwenzekile njengobusuku obushaqisayo.

“Abesilisa baphume endlini esakhelene nayo bebaleka, bedubula njengoba bekade beza nganeno bebheke ngakuthina,” kusho uThato

“Bengihleli emotweni nomyeni wami nomfowethu. Badubule umfowethu washona baphinde badubula nomyeni wami.”

Uthe ngesikhathi ephuthumisa umyeni wakhe esibhedlela  i-Leratong, umyeni wakhe umphakamisele isandla sakhe ukukhombisa ukuthi uyamuzwa.

Uthe uyathandaza ukuze umyeni wakhe asinde.

“Ngiye esibhedlela namhlanje ekuseni, kodwa odokotela bebengangivumeli ukuthi ngiye ukuyombona. Ngikhungathekile. Ngiyesaba ukuthi kuzokwenzekani ngomyeni wami,” kusho uThato.

Umakhelwane obesemshadweni osindile kulesi sehlakalo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu kundiza izinhlamvu, wenza sengathi ulimele ngokulala phansi.

“Omunye walaba besilisa uze wanginyathela nangemilenze ngesikhathi ephuma ebaleka endaweni yesigameko. Ngacambalala, ngathandazela ukuthi ngingadubuleki,” kusho umakhelwane.

“Ngijabule ngokuthi angizange ngilimale, kodwa inhliziyo yami iyazwelana nalabo abalimele kanye nemindeni elahlekelwe izihlobo zayo ngale ndlela enyantisayo.”

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko futhi acela abantu abanemininingwane ukuthi baphumele obala babasize ukuze kubanjwe abasolwa.

Izihloko zakamuva