Badube ukufunda befuna kujeziswe ababulali

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abafundi kulo lonke elaseGoli bafunge bagomela ukuthi ngeke balubeke esikoleni kuze kube amadoda amathathu abhekene necala lokubulala umfundi uShaun Mphela anqatshelwa ibheyili.

Laba bafundi basezikoleni ezehlukene zase-Tsakani, eDuduza naKwa-Thema Ekurhuleni bafuna kuxazululwe izinsolo zokucwasa ngokwebala ezikoleni.

NgoMsombuluko ekuseni abafundi besikole samabanga aphezulu bavinjelwe ukungena emakilasini bagqugquzelwa ababhikishi ukuthi baye eNkantolo yeMantshi yase-Tsakani. Izinkumbi zabantu bezimi ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili sabasolwa ngokubulala uKowah Pillay (30), u-Ed Ted “Bino” Williams (35) kanye no-Ameeruddin “Dino” Prince (31).

Imibhikisho iqale ngoLwesihlanu ngesikhathi abafundi behlezi ngaphandle kwezikole zabo kanjalo nasekhaya lomunye wabasolwa ngemuva kokuboshwa.

Laba balisa abathathu babekwe icala lokubulala uShaun Mphela (17) ogwazwe washona ngoLwesine.

Kuthiwa uMphela ubulawelwe ukungenelela ngesikhathi abafana abathathu beqala ukufutha abanye abafundi ngesisi esikhalisa unyembezi esikoleni samabanga aphezulu i-Geluksdal.

Kuthiwa lezi zigilamkhuba zifunge zagomela ukuthi zizobhekana noMphela ngokuphuma kwesikole kanti kuthiwa ziye zayalela amalungu amadala eqembu lawo lezigebengu ukuthi alwe naye.

Abasolwa abathathu babe sebelinda ngaphandle kwamagceke esikole base behlasela uMphela nabangani bakhe ngesikhathi besendleleni ebheke ekhaya.

Inhlangano yabafundi i-Pan Africanist Student Organisation (PASO) ithi ngeke kufundwe kuze kube abafundi bayaseshwa ekuseni nangokuphuma kwesikole nsuku zonke kuze kube isimo siyalawuleka.

Izinxushunxushu zobuhlanga nazo ziyakhula esikoleni samabanga aphezulu i-Geluksdal. Lesi sikole sise-Brakpan okuyindawo egcwele amaKhaladi. Yisona sodwa isikole eDuduza, Kwa-Thema nase-Tsakani esifundisa isiBhunu.

Iningi labafundi abamnyama kulesi sikole bathi babhekana nokucwaswa kakhulu kanye nokuhlukunyezwa ngokobuhlanga nsuku zonke.

UNobhala we-PASO, uBusisiwe Shezi uthe bafuna ukuthi amaphoyisa abambe umhlangano wezinhlaka ezithintekayo ukubhekana nezinsolo zokucwasa esikoleni.

“Ithemba lethu silibeke emaphoyiseni njengoba uMnyango wezeMfundo eGoli ulokhu wehluleka ukusiza abafundi kule ndawo. Sikhathele ukufika kukaNgqongqoshe we-GDE lapha e-Tsakane sengathi uzokwenza umbukiso wemfashini,” kusho uShezi.

“Asibathembi labo sopolitiki, sifuna amaphoyisa athathe izintambo ahole lolu hlelo.”

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kuhlehliselwe umhlaka-15 kuNhlolanja kanti abasolwa basagcinwe esitokisini samaphoyisa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli, uSteve Mabona unxuse abafundi ukuthi babuyele emakilasini bavumele amaphoyisa nenkantolo ukuthi basingathe leli cala. “Ukungabuyeli esikoleni ngeke kusize muntu; sinxusa abazali ukuthi bakhulume nezingane zabo ukuthi zibuyele esikoleni.

“Sizoqhubeka nokweseka ngokwengqondo labo abathintekayo,” esho.

Esithombeni esingenhla: Umbhikisho womfundi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Tsakani 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva