Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Abafundi besikole samabanga aphezulu eDuduza kanye nabazali baphikisana nequlu lamavolontiya asebenza ezikoleni zabo elwa nezigelekeqe, izidakamizwa nokunye okumayelana nokungaziphathi kahle.
Baphazamise ukufundisa bajikijela ngamatshe emagcekeni esikole ngoLwesibili nangoLwesithathu. Kwadingeka ukuthi othisha basuse izimoto zabo.
Ingxabano iqale esikhathini esingangenyanga edlule. OThishomkhulu bezikole ezine zamabanga aphezulu kule ndawo bakhala ngamaqembu ezigebengu okungabafundi abahlukumeza othisha nezinye izingane zesikole. Bashaya uthisha nabafundi ababefike ngemuva kwesikhathi esikoleni, baphinde banqabe ukwenza umsebenzi wesikole futhi abafuni ukugqoka umfaniswano wesikole.
Izidakamizwa kuthiwa ziyinkinga enkulu kulezi zikole njengoba abafundi bedla izidakamizwa ezindlini zangasese zesikole.
Ezinsukwini ezingamashumi amathathu ezedlule iqeqebana, elakhiwe amalungu e-SAPS, okuyi-forumu yomphakathi (CPF) kanye nezakhamuzi ezikhathazekile zaleli lokishi lase-East Rand, lasabela esimweni sokuvikelwa koThishomkhulu.
Baqale ukusesha emagcekeni esikole base beqala nemikhankaso yokulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa njengoba bebezogasela ezindaweni ebezithathwa njengezidleke zezidakamizwa.
Ngesikhathi bezihambela bengazelele ezikoleni bathole isibhamu, imimese nezidakamizwa.
NgoMsombuluko ekuseni amavolontiya amelene nezigelekeqe aya esigangeni athatha ithimba labafundi abangu-15 esikoleni samabanga aphezulu e-Esibonelwesihle, esihlonzwe njengesikole okuneqembu lezigelekeqe elibizwa ngokuthi ama-Ambush”, nokuyilapho kusolakala ukuthi babashaya khona.
Lezi zingane kuthiwa ziphoqeleke ukuthi zikhumule izikibha, omunye wamavolontiya ashaye labafundi ngebhande emhlane beguqile.
IPhini likaSihlalo wesigungu esilawula isikole, uBeauty Moloi uthe uyazi ukuthi abanye babafundi bangamahlongandlebe futhi beza nezidakamizwa esikoleni.
“Emkhankasweni odlule ebesiwenza sathola izikhali nezidakamizwa. Esimelene nakho iqembu elishaya izingane zethu.
“Sitshelwe nokuthi amavolontiya akhona ukuvikela othisha odlameni lokuhlaselwa ngabafundi. Kungani othisha bengakwazi ukuvikelana?”
Omunye umzali ophinde abe iPhini likaSihlalo we-CPF yendawo, uBongi Hlalele uthe bengabazali abakaze baziswe ngalokhu.
“Kunezindlela ezahlukene zokujezisa abafundi futhi lokho bekumele kwenziwe ngokuxoxisana nabazali,” engeza.
UThishomkhulu wesikole samabanga aphezulu ocele igama lakhe ligodlwe uthe selokhu kwaqalwa uhlelo lokulwa nezidakamizwa esikoleni sakhe abasenayo inkinga yezidakamizwa nobugebengu.
“Sikubonile ukuphumelela kwalolu hlelo esikoleni sethu, kodwa manje sesizwa ngezinye zezinyathelo ezinzima abazisebenzisayo ukujezisa abafundi.”
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza, onguSayitsheni uNoluthando Mahlangu uthe banxusa abafundi nabazali ukuthi bakugweme ukucekela phansi ingqalasizinda yesikole.
“Sinxusa abafundi abalimele ukuthi bavule amacala obugebengu emaphoyiseni futhi bavumele umthetho uthathe indawo yawo.”
Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphezulu eDuduza
Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo