Badedelwe ngebheyili abaqaphi bakaMashatile abathinteka kwesokuhlukumeza

Amaphoyisa ayisishiyagalombili angabaqaphi bePhini likaMengameli uPaul Mashatile athinteka esigamekweni sokushaya emgwaqeni u-N1 anikezwe ibheyili ka-R10 000 umuntu emunye.

Umbuso ugxekiwe ngokwethula icala “elibuthaka” futhi “elingenasisindo” okuthiwa liphuthunyiswe enkantolo isikhathi singakafiki.

UShadrack Kojoana, uJohannes Mampuru, uPomso Mofokeng, uHarmans Ramokhonami, uPhineas Boshielo, uChurchill Mkhize, uLesibana Rambau, noMoses Tshidada bavele eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoLwesibili.

Babhekene namacala angu-12, okuhlanganisa awokucekela phansi impahla, ukushaya ngenhloso yokulimaza, nokukhomba ngesibhamu.

Wonke amaphoyisa ayisishiyagalombili awaphikile amacala acela ibheyili ephakathi kuka-R1 000 no-R2 000.

IMantshi uHlengiwe Mkhasibe ikugxekile ukuziphatha kwamaphoyisa, yakuchaza “njengesenzo esibi” kanye “nokwenza icala” ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sokuhlaselwa kwezakhamuzi ezintathu.

Uveze ukuthi bazisebenzisa budedengu izikhundla zabo.

Nokho usingabazile isinqumo sombuso sokuphuthumisa lolu daba enkantolo ngaphandle kokuphothula uphenyo lwabo oluhlanganisa ukuthungatha umshayeli owathwebula isigameko sokuhlasela, ukuhlonza owathumela umbhalo osabisayo kufakazi wombuso, nokuthi izisulu zihlonze abahlaseli babo.

UMkhasibe uvumile ukuthi uphenyo oluqinile lombuso lungaholela ekuboshweni kwabasolwa kodwa ngokobufakazi obukhona manje ukholwa wukuthi ubulungiswa angeke bube khona uma kunqatshelwa ibheyili la maphoyisa asolwayo.

Yize ekhulume amazwi ahlabayo ngokuziphatha kwabo kodwa ubanikeze ibheyili ka-R10 000 iphoyisa ngalinye enemibandela eqinile.

Icala lihlehliselwe umhlaka-27 kuMandulo ukuze uMbuso ukwazi ukuqhubeka nophenyo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: Uphiko obelusenkantolo ngoLwesibili

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva