Bonke abasolwa abangu-14 ababeboshelwe ukudlwengula ithimba elalizoqopha ividiyo yomculo e-Krugersdorp badedelwe ngemuva kokuthi imiphumela yolibofuzo ingazange ibahlanganise nalamacala.
I-Scrolla.Africa sakhipha udaba lwabesifazane abayisishiyagalombili abebeyingxenye yeqembu elalizoqopha ividiyo yomculo abadlwengulwa babanjwa inkunzi ngesikhathi besemgodini wemayini ongasasebenzi e-Krugersdorp e-West Rand.
Laba besifazane bebephakathi kweqembu labantu abangu-22 abesifazane abangu-12 nabesilisa abayishumi okusolakala ukuthi bahlaselwe iqulu la besilisa abahlomile ababembethe izingubo zokulala.
Amathemba esizwe okubona ubulungiswa ashabalele ngemuva kokudedelwa kwalaba basolwa. Kusazoqalwa phansi kufunwe abasolwa bangempela njengoba sekuphele izinyanga ezintathu kwenzeke isigameko.
NgoLwesithathu ngomhlala-26 kuMfumfu umsolwa oneminyaka engu-14 ubudala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp.
Wabuyiselwa e-Walter Sisulu Juvenile Centre. Umsolwa uzophinde avele namhlanje kanye nalabo abekwe nabo icala, kodwa alikho icala abekwe lona.
Uphenyo lwamaphoyisa luncike kwimiphumela yolibofuzo.
Abantu abaningi abangabavukuzi abangekho emthethweni ababoshiwe kuhlonzwe abangu-14 okuhlanganisa noyedwa osemncane. Selokhu baboshwa bagcinwe esitokisini.
Ngokwemithombo ekhulume ne-Scrolla.Africa ngaphandle kokudalulwa igama abesilisa bahlonzwe izisuli.
Njengoba laba besilisa bebevele eNkantolo akekho kwabezindaba noma umphakathi wonkana ovunyelwe ukubabona ngaphakathi eNkantolo.
INkantolo itshele abezindaba ukuthi basaqhuba inqubo yokuhlonzwa kwabo kanti abakakwazi ukuvumela ukuthi izithombe zabo zikhishwe emphakathini.
IPhini likaNobhala Jikelele we-Economic Freedom Fighters uMnu Poppy Mailola uthe i-EFF izobhalela i-NPA ibuza ukuthi kungani abezindaba nomphakathi bengavunyelwe ukungena enkantolo.
Khonamanjalo abesifazane abayisithupha kwabayisikhombisa abebegcinwe endaweni ephephile bahambile, bethi ababhekelelwa kahle ngamaphoyisa.
Abesifazane abayisikhombisa kwabayisishiyagalombili abahlukunyeziwe banikezwe indawo ephephile. Omunye akafikanga nhlobo, kodwa manje sekusele oyedwa kuphela kwabayisikhombisa.
Ibhalwe ngu-Everson Luhanga
Ihlanganiswe ngu-Everson Luhanga
Esithombeni esingenhla: Abasolwa abangu-14 abasolwa ngokudlwengula abesifazane